Ezokungcebeleka

Ulozolo uLwah Ndlunkulu eqopha ekaMaskandi

 

KWANDE kaZIKIZA

UZODEDELA i-single enesigqi sikaMaskandi uLwah Ndlunkulu oshukumise izwe eshaya esihloko sithi Paris noMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele ngonyaka odlule.

Abantu abaningi bakholwa ukuthi bekumele kube iyo edle umhlanganiso ngesikhathi uKhozi FM luhlukanisa unyaka odlule.

Imenenja kaLwah uWill Dlamini uveze ukuthi lo mculi ongaphansi kweNkabi Records kaBig Zulu uzokhipha i-single ayenze noDr Buselaphi Gxowa, wodumo lokucula eqenjini Imithente.

Uthe abantu mabalindele into yamehlo kwazise laba baculi bachithe eside isikhathi bepheka leli noni akholwa ukuthi lizothakaselwa.

ULwah uzokhipha le single nje wake wabhala ezinkundleni zokuxhumana ethi akaziboni ephinde ecula ingoma enomaskandi.

Lokhu kwavela ngemuva kokuthi uBig Zulu edalule emithonjeni yabezindaba ukuthi akukho ngisho indibilishi uLwah ayitholile ngokwenza kahle kwengoma iParis noMthandeni.

UBig Zulu wathusa abaningi eveza ukuthi akukho sivumelwane abasisayinda noMthandeni kepha babesizana njengabakhaya.

Esinye isizathu kwaba wukuthi kwakungena igama lakhe ekugcofaneni phakathi kwabalandeli baKhuzani neGcokama Elisha.

Bobabili uLwah noMthandeni badabuka eHluhluwe.

ULwah uzokhipha nje, kunamahlebezi angafuni ukuphebezeka athi uzithwele kanti usothandweni oluvutha amalangani nomlisa thizeni oshadelwe.

Kodwa abamphethe bathi lawo mahebezi angamampunge, ngokwazi kwabo lo mculi ubhukhiwe ukunandisa ezinkalweni zonke zezwe.

Nangesikhathi kunamaMetro FM Awards eMpumalanga, abantu babhala ezinkundleni zokuxhumana bethi uzithwele, besusela esimweni sesisu sakhe engubeni ayeyigqokile.

 

Related Articles

Back to top button