Ezokungcebeleka

Uyavela umlingisi enkantolo ngelejubane lika-198 km/h

Sihle Mkhize

Uvela kusasa umlingisi u-Asavela Mqokiyana eScottburgh Magistrates Court obanjwe amaphoyisa iRTI angasipetuli.

Ubanjwe endiza ngeBMW X3 SUV ubegijima ngo-198 km/h endaweni ka-120 km/h ku-N2

UNgqongqoshe uSiboniso Duma uthi njengoba kuza isikhathi sokuphela konyaka akayihleki into engahlekisi.

U-Asavela, owazakhela udumo elingisa indawo kaNtwenhle emdlalweni, Isibaya, ubingelele iMantshi enkantolo yaseScottburgh ngo-Okthoba 19.

Phambilini, ubingelele iMantshi enkantolo yaseScottburgh ngomhla ka-19 October.

Kuzokhumbuleka ukuthi u-Asavela, ozalwa wumqeqeshi webhola uManqoba Mngqithi, ushadele kwaMqokiyane kodwa wabuye wahlukanisa ngo-2024 njengoba nasezinkundleni zokuxhumana esebuyele esibongweni sakubo.

Khonamanjalo, umacekeceke weNissan Navara ubanjwe amaphoyisa eManguzi usuyokweqiswa umngcele.

Le ngqovungqovu yemoto yayintshontshwe eDurban North ngoMsombuluko mhla ka- 26 October 2026.

Ngokushona kwelanga ngalo lolo suku amaphoyisa aseHluhluwe ayibona iqengqeleza emgaqweni uR22 ibheke eMbazwana kwathiwa vala ngaphambilini.

Kube sengathi uyabezwa umshayeli wayinyathela kakhulu, kwashiyana ukwenza bamvimbezela ePhelandaba. Umshayeli uyishiye phansi imoto wathi nyawo zami ngibelethe wadla phansi.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button