Izindaba

Zizogwetshwa izithandani ezinukubeze zabulala usana 

Philasande Luthuli

Zilahlwe yicala izithandani ezihlangane ezinyangeni ezimbalwa zase ziyakipita zabulala usana oluneminyaka emibili.

Zombili lezi zithandani u-Alexandra Walker, 26, no-Harrison Simpson, 22, zilahlwe ngecala lokubulala yiNkantolo iTeesside Crown Court, e-United Kingdom (UK).

USimpson, 22, utholwe ukuthi wanukubeza umufi u-Isabelle Welsh.

Inkantolo ithole ukuthi lezi zithandani zahlangana enkundleni yokuxhumana iFacebok ngezikhathi zasehlobo ngonyaka odlule akuphelanga sikhathi esingakanani isoka (Simpson) lase lihlala emzini wentombi eThornaby, Teesside.

Bebephuza badakwe utshwala ndawonye bahuqe nensangu.

Emasontweni ambalwa ngaphambi kokuthi umufi abulawe ngoSeptember ngonyaka odlule wayephuke amathambo omzimba angu-21.

Ngaphezu kwalokho usana lwalulimele esithweni sangasese kucaca ukuthi sidlwengiliwe.

Umgilwa ubulawe ukushayeka ngekhanda okungaqindakali ukuthi wangquthsuzwa odongeni noma washaywa phansi.

Ngaphandle kwenkantolo uyise ozala u-Isabelle, uJosh Welsh uthe ubulungiswa benzekile futhi abenzi bobubi bafanelwe ukugwetshwa izimpilo zabo ejele.

“Ngiyazisa ngendodakazi yami encane, kuphelile ngempilo yami, nomndeni wami. Odadewethu nabafowethu balahlekelwe ilunga lomndeni. Nokho kusho lukhulu ukuthi inkantolo ibenzile ubulungiswa.

Enkantolo bese kwinkombankombane omunye evikela iso lakhe.

Ngokombiko wephephandaba lase-UK iDaily Mail isigwebo sikadilikajele silindeleke ngoLwesine.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button