Ezokungcebeleka

Ishiphelene kumsakazi woKhozi FM nesilomo seGospel

Philasande Luthuli

Ishiphelene phakathi komsakazi woKhozi FM uZama Mseleku nomculi weGospel uJumbo ababhinqanayo ezinkundleni zokuxhumana.

Udweshu lususwe ukungena kwaJumbo esteji emcimbini uMzumbe Maskandi Festival wacula isikhashana waqede wabalelisa.

UJumbo ebhinqa uZama obephethe umcimbi obungosuku lwentsha ngoMsombuluko uthe ucela ukuxolisa kubalandeli bakhe.

“Ngicela ukuxolisa kubalandeli bami baseMzumbe, izolo ngingene imuzuzu emithathu ngesimanga sokuthi umnikazi womcimbi ebengizomeseka uthe isikhathi asikho. Benginika imuzuzu emihlanu ngizamile ukwenza ngendlela asho ngayo njengomuntu obengekho obengekho ohlwini ningaphatheki kabi ibingekho indawo yami, ”

“Bengibingelela nje izolo istage bekwesama professional bekungadingeki abazamayo oJumbo kanje, ningixolele ngesenzo sami okuphuma emizuzwini emithathu nami bengitsheliwe ukuthi abaculi bakhona,”

“Nginifisela okuhle kodwa lomcimbi sengathi ungasekeka kakhulu nangonyaka ozayo ubumuhle kakhulu,”

Akapholisanga maseko uZama Mseleku wazibuyisa zishisa izinduku kuJumbo.

“Shuthi isono sami kube ukukunikeza ithuba lokungena estage ozicelele lona uthe ucela nje ukuzo ukuzokweseka kwazise ubungekho ohlwini, ngabonga ngajabula,”

“Ngesikathi ungifonela izolo ngalo usuku lomcimbi usuvele uqalile amazwi akho athe “Sisi uma ngingeza ukuzokweseka UNGANGIMPINTSHISA nini lapho.

Eyami impendulo ithe Bhuti ngizokufaka ngizosenza isikhala, ekufikeni kwakho wonke amaciko abebekelwe izikhathi zawo zokungena estage.

Abesekhona elindile ngaphandle futhi esibambile isikhathi bekumele afakwe ngoba nesikhathi ebesinqunyelwe sona sokuvala umcimbi okuwu 22:00 bese sisondela.

Ukuze sikwazi ukukufaka bekumele siyocela kuNtencane obese kuyi sikhathi sakhe ukuthi akame kancane sikumpintshise.

Ukuthi sifike kanjani la ekubhinqeni kuFacebook angazi, kodwa ke ungifundisa isifundo sokuthi ngelinye ilanga umuntu obengaqashiwe emcimbini uma ethi ucela ngimumpintshise ngingangayenzi leyonto, ” usho kanje.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button