
UMakhadzi ucela intethelelo ngokungena izindaba ezingamfuni
Isihlabani somculo weLekompo, uMakhadzi, usecele uxolo kubantu baseNingizimu Afrika.
Lokhu kuza ngemuva kokugxekwa ngenxa yamazwi wakhe ahlobanise inhlangano iMarch and March nokushona komfanyana waseMossel Bay.
Lo mculi odabuka eLimpopo ubhale ekhasini lakhe le-X (Twitter) ecela intethelelo ehambisana nevideo yakhe ecula ingoma ethi We Are One.
Uthe: “Ngeke ngiyeke ukucela ukuthi ningixolele. Anginabo ubandlululo ngokobuzwe, bengingacabangi ukuthi izinto zizophetha kanje. Ngiyacela ningixolele, bakwethu baseNingizimu Afrika. Ngisaphinda futhi ukuthi angiphikisani neMarch and March.”
Udweshu luqale ngesikhathi uMakhadzi eveza ukukhathazeka ngokuphepha kwabantu abakhuluma isiVenda nesiTsonga ngaphambi kwemashi ebihlelwe yiMarch and March.
Uthe ukhathazwe ngamavideo asabalale ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa abantu befunwa omazisi ngenxa yolimi abalukhulumayo noma indlela ababukeka ngayo.
Nokho, amazwi wakhe aholele ekutheni agxekwe ngabantu abaningi abamsola ngokusabalalisa ulwazi olungaqinisekisiwe nokubhebhethekisa ukungezwani ngokobuzwe.
Abanye baze basabisa ngokungayi emcimbini wakhe ozayo, iMakhadzi One Woman Show 2026.
Ngemuva kwalokho, uMakhadzi uphinde waxolisa, wavuma ukuthi bekufanele aqaphele kakhulu ngaphambi kokuphawula ngalolu daba.
Uthe: “Ngiyaxolisa futhi kubo bonke abantu abacasukile. Sifunda nsuku zonke. Ngokuzayo ngizothula kuze kube ngithola indlela efanele yokubhekana nesimo,”
Imibono yomphakathi ihlukene ngale ntethelelo. Abanye bamncomile ngokuthatha isibopho nokukhombisa ukuthobeka.
Kanti abanye bathi abantu abadumile kufanele baqinisekise amaqiniso ngaphambi kokukhuluma ngezindaba ezibucayi.
UThukela News Times Plus
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



