
Bayifuna kwagoqanyawo iMeya yaseMtshezi
Sihle Mkhize
Izulelwa amanqe iMeya kaMasipala waseNkosi Langalibalele, uMnuz Mduduzi Myeza, osekuvele ukuthi ilandelwa izinkabi.
UMyeza ubhadlaze umyalezo owawumqwashisa ngabantu okuthiwa bamfuna efile.
“Ngithemba uyaphila Mayor kunabantu ohamba nabo asebekujikele, bahamba namakwelekwele ahlela ukuthi ushaywe njengoba kade useThekwini kunabantu abakade bekulandela. Bebuka zonke izindawo ozihambayo qaphela Mayor kubi,”
UMyeza uthi lo myalezo uwuthole mhla ka-27 ngesikhathi ekwistrategic planning eThekwini.
“Ey mangingaqala ngikhulume kungahliphika kodwa ke ngiyacela umuntu angayiqali into angeke ayimele.
Abanye bafikile basho kuthi imali yakolekwa kanjani kodwa ke siyeza isikhathi esikahle sokuthi ngiveze konke obala,” usho kanje.
Kwenzeka lokhu nje uMyeza ubuya enkantolo eMgungundlovu njengoba osomabhizinisi bokufika behlangene nenhlangano ezwelana nabokufika bammangalela.
Bambeke amacala ezinsolo zokucwasa kanye nokuvala izitolo zabokufika edolobheni eMtshezi.
Amacala amabili amangalelwe kuwo alalelwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Ummeli kaMyeza, uMnuz Xolani Zuma, echaza ngamacala asenkantolo the :”
“Amacala abekwe umhlonishwa uMeya inhlangano elwelwa abantu bokufika mabili bacele ukuthi asuse konke lokhu akubhale ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi kuFacebook lokhu okubukeka kunenzondo kungakapheli amahora angu-48,”
“Sithe uma kukhona ukuphawula kwabantu okuhambisana nenzondo kulungile kuzosuswa. Okwesibili ukuya phambili ucelwe ukuthi angaphinde azisho izinto ezibonakala zinokucwasa,”
Noma kunezinsongo zokumbulala uMyeza kodwa akahlehli esinqumweni sokuxosha abantu bokufika abangenamaphepha eMtshezi.
Sikhuluma nje umemezele imashi ezoqala Escourt Town Hall ngomhla ka-10 June.
“IMarch and March akusiyo ipolitiki noma ngubani ozama ukunxenxa abantu ngamavoti ngeMarch and March nimtshele asimele kancane lento ingathi, ingezwe lethu, ingedolobha lethu”
“Abantu uma befuna ukukhankasa abahambe beyobiza abantu emaHholo. IMarch and March eyawowonke umuntu okhathazekile. Asidlali la,” usho kanje.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



