Izindaba

Isililo ngosomabhizinisi oboshelwe amanqina enyathi 

Sihle Mkhize

Sikhulu isililo esigodini saseMandawe, eShowe, KwaZulu-Natal, emva kokuboshwa kwasomabhizinisi obewusizo emphakathini nokusolakala ukuthi uboshelwe amanqina enyathi.

Phakathi kwamabhizinisi amakhulu  anawo uMnuz Thokozani Dlamini kubalwa iMandawe Security Services namanye.

Inhloso yokumbopha kusolakala  ukumnqinda amandla njengoba ekwiBusiness Forum elwela osomabhizinisi abancane ukuba banikwe amathuba emisebenzi.

UDlamini waziwa emphakathini waseShowe ngokunikelela abantu abadala ngegrocer aphinde athengele abafundi imifaniswano yesikole.

Ilunga lomphakathi elingathanda ukudalulwa igama lithe bafe olwembiza bewumphakathi ngokuboshwa kwaDlamini.

“UDlamini ubewusizo ngisho nasezinganeni zesikole, angisayiphathi ke eyimindeni ehlwempu beyilala idlile ngaye. Sicela inkantolo yenze ubulungiswa sisamdinga emphakathini wethu,”

IPurpose ithole ukuthi waboshwa mhla ka-28 June 2023 eboshwa esemzini wakhe eShowe.

Kuvela ukuthi wabekwa icala lokuthi  onogada abamqaphayo izibhamu zabo babengazifakile endaweni ephephile (safe).

Kwaboshwa nemoto kankosikazi wakhe yohlobo lweVW Tiguan kwathiwa kukhona amacala ethinteka kuwo.

Ngesikhathi evela enkantolo ngenhloso yokucela ibheyili wathweswa amanye amacala amahlanu okubulala.

Lokho kwenze kwanzima ukuba athole ibheyili, kugcine kudlulelwa enkantolo enkulu nakhona kwathomba okhiye.

La macala agcine esehlukaniswa, elezibhamu liqulwa eShowe Magistrate Court kwathi awokubulala adluliselwa ePietemaritzburg High Court.

Okunye okuvelile nokushayisa amakhala wukuthi kuthe uma abashushisi bephakamisa ukuchithwa kwecala lezibhamu washaya phansi ngonyawo umphenyi.

Kuze kwalandwa umshushisi ovela kwaDPP kodwa Dlamini waphuma phambili.

Kumanje kuqhubeka okubula enkantolo yaseMgungundlovu, ofakazi bonke abasabizwe umbuso baseka uDlamini.

Nemoto kankosikazi wakhe seyibuyisiwe ngaphandle kokubekwa amacala njengoba kwakuthiwa iyathinteka ebugebengwini.

Leli cala eselidonse amehlo amaningi liyabuyela mhla ka-22 June 2026 enkantolo.

Muva nje ubese esungule neMarathon esebenzisana noMaspala waseMlalazi.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button