Izindaba

Ilengela eweni impilo kaPhakel’mthakathi

Sindiswa Nxumalo

Omunye wabaholi beMarch and March uPhakel’mthakathi Ndabandaba useyazibamba ukuya kwamanye  amamashi ngenxa yokusabela impilo yakhe.

UPhakela akakwazanga ukuba yingxenye yemashi ebise Pinetown, eThekwini ngoLwesithathu nokuyinto emangaze abaningi.

Ngokusho kuka Ngizwe Mchunu, abantu abakhandela uPhakela uzungu amalunga eNkatha.

UMchunu ukusho lokhu kwizinkumbi zabantu gesikhathi kuhlangenwe ePinetown.

“Kuyimanje uPhakel’mthakathi akekho la ngoba ulokhu ethole izinsongo ezinzima zokubulawa, okwethusa kakhulu ukuthi amalunga e-Inkatha abamsongelayo.

“Amukho ongamazi ukuthi uPhakela uyiNkatha ngisho elele,” kusho uNgizwe.

Uqhubeke wathi kudingeka unogada othembekile ozoqapha impilo kaPhakela.

Iqhaza elibanjwe uPhakela kwinhlangano yeMarch and March likhulu kakhulu njengoba eseqhulwini futhi egqugquzela ukhukhulela ngqoqo wokuxoshwa kwabokufika abangenamaphepha ngomhla ka-30 June.

Ezinkulumweni zakhe zakamuva uxwayise ngokuthi ufisa lungashayi lolu suku bese lapha abokufika kodwa bahambe kusekuhle.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button