
UBrown Mogotsi uzochitha impelasonto esitokisini
Philasande Luthuli
Ulale ebaliwe uMnuz Brown Mogotsi obeqeda nje kwethula ubufakazi kwiKhomishana kaMadlanga.
Zimkhalela ebesebheke ekhaya eNorth West kusihlwa ngoLwesihlanu.
Kuvela ukuthi uboshwe yithimba leCrime Intelligence ebelijutshwe uGeneral Dumisani Khumalo, abaseshi kanye namaphoyisa ophiko lwePKTT.
Kukholakala ukuthi uMogotsi ubelusiwe usuku lonke ngesikhathi ethula ubufakazi kwiMadlangaCommission.
Uphenyo ngaye selokhu lwaqa kusukela ngoNovember 2025.
Ubekwe icala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Kuzokhumbuleka ukuthi wake waba sematheni kuvela ukuthi kukhona abebezama ukumdubula eVosloorus.
UBrigadier Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uthe ithimba lamaphoyisa lithole iJ50 ebagunyaza ukuthi babophe uMogotsi ngoLwesihlanu kusihlwa.
“Uphenyo olifushane luveze ukuthi isibhamu esasetshenziswa kwenziwa lobo bugebengu sixhumene namanye amacala abucayi nanodlame okuhlanganisa ukubulala nokuzama ukubulala, ” usho kanje.
UMogotsi kulindeleke ukuthi avele eJohannesburg Magistrate’s Court ngoMsombuluko.
Silandele kwiWhatApp link uzithole zishisa:-
https://whatsapp.com/channel/0029VbC3tBoLo4hpjHyTNY0T
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



