
Okumangazayo ngefayela lathishanhloko obethunjiwe
Sihle Mkhize
Bashaya amakhala omakhelwane bathishanhloko (55) othunjwe izigelekeqe eMkhazini kuthangi ngeToyota Avanza.
Umakhalwene ozichaze njengosondelene nomgilwa uthe kumele lo thisha azinuke amakhwapha kwazise okwesibili bemgila, okokuqala wakhonjwa kuphela wangathunjwa.
Lo makhelwane uthi unobodlelwano bezothando bobulili obufana nobakhe, kungenzeka ukuthi kunomthelelwa kulokhu kugetshengwa kwakhe.
“Njengoba lo sisi ethandana namanye amantombazane kungenzeka ukuthi omunye ajola naye unesoka abahlangane nalo bakhandela uzungu. Ngisho kanje ngoba kwayena lo thisha unomlando omude ngokungaziphathi kahle”
“Ngikhumbula ngomunye unyaka ukuthi useke wahlala eside isikhathi ekhaya. Isizathu wukuthi wayesolwa ngokuthinta ingane yentombazane esikoleni ezindaweni ezingafanele,” usho kanje.
Uthi uma sekwenzeka kanje ngeke usazi ukuthi yikhona kuphi kodwa naye uthisha akaziphethe kahle.
Ngesikhathi bemthumba bantshontshe izimpahla zakhe okubalwa nobhazabhaza weTV.
Lezi zigelekeqe bezilandelwa amaphoyisa akwaMakhutha naseNanda nokuholele ekutheni batholwe eNewtown A.
Umgilwa utholwe yedwa endlini kumatrasi eboshwe izandla.
Ngesikhathi ehlelwa yilo mshopi umgilwa ubebuya kovala esitolo sakhe eMlazi.
Kuthe uma esevulelwa isango kwakhe kwaqhamuka abafana abathathu bakhomba.
Bafune imali kumgilwa bathola lena kade ebuya nayo esitolo kodwa bathi incane leyo.



