
Izindaba
Akuphelanga mahora zabakhalela ababambe isitolo sobucwebe
Sindiswa Nxumalo
Kuthathe isikhathi esingaphansi kwamahora angu-12 ukuthi amaphoyisa abambe izigebengu ezinhlanu ezihlomile eziphange isitolo sobucwebe eGateway izolo.
Cishe izimpahla ezebiwe ezilinganiselwa ku-R2 million seyitholakele.
Amalungu eSAPS Economic Infrastructure Task Team, iProvincial Murder and Robbery Unit kanye neProvincial Tracing Task Team athole amadoda amathathu endaweni abecashe kuyo eMlaza eningizimu neTheku.
Abanye ababili babanjwe emgwaqeni uN2.
Bonke abasolwa bakule minyaka engu-20 noma kwengu-30.
Izisebenzi ezimbili zezokuphepha zadutshulwa zalimala ngesikhathi sokuphanga kuhlonyiwe esenzeke cishe ngo-4 ntambama izolo.



