
Kubatshazwa isihluku sowesifazane onqume izingane zakhe
Sihle Mkhize
Kubatshazwa isihluku nonya kumama (25) wezingane ezimbili azizalayo azibulale ngesihluku eNewcastle, KwaZulu-Natal.
Nokho kuthiwa ugcine eboshiwe izolo ebhace esihlotsheni ebhandishile emqaleni njengoba kuthiwa naye uzame ukuzibulala.
IPurpose inalo igama nesibongo salo mama osolwa ngesenzo sobulwane.
Lo mama azibulale ngesihluku lezi zingane ngokuthi azinqume uqhoqhoqho zafa.
Endala ingane ininyaka eyisihlanu bese kuthi encane ibe nezinyanga ezingu-9.
Kuthiwa emuva kokugila lomhlola ufonele ube ubaba wabantwana, ohlala eThekwini ngenxa yomsebenzi emtshela ukuthi wenzeni.
Uthuke koma nasozwanini uyise wabantwana ethola lezi zindaba wasefonela isihlobo salona wesifazane wasicela ukuthi siyobheka endlini.
Nebala wathola izidumbu zezingane ekamelweni lokulala zintanta edamini legazi, kodwa unina wazo esebalekile.
Kutholwe imimese emibili enegazi ngaphansi kombhede.
Khonamanjalo, isematheni eyowesilisa ekuthiwa uthunywe uphuthu eMahlongwa, ngase Mkhomazi eningizimu nesifundazwe.
Kuthiwa ibizitika ngenkonzo yasekamelweni nomfazi womuntu kanti indoda yalowo mfazi izojika edleleni emsebenzini.
Ifike impela yazithela kumfazi wayo wezinkomo ekhwelwa yile nsizwa yangabe isabuza Elangeni yase imyisa kwagoqanyawo.
Lesi sigameko senzeke emzini wale ndoda elobolile.



