Izindaba

Kufunwa uMavundla (29) oklinye umshana (9) wabaleka

Liyah Mseleku

Amaphoyisa asesifundazweni iKwaZulu-Natal ecela uMsamariya onesihawu ongase abasize ngomkhondo kaSduduzo Mavundla (29).

Lo msolwa ufunelwa icala lokuzama ukubulala umshana wakhe oneminyaka eyisishagalolunye ubudala.

Kuthiwa uMavundla wamklinya wamgwaza nasebusweni wamshiya engasanyakazi.

Lesi sigameko senzeke ePhola, eChesterville, eThekwini ngomhla ka-4 January ngonyaka odlule.

Umgilwa uklinywa nje kuthiwa ubevakashele umkhulu wakhe kanti uzoholelwa oPhathe uMavundla ethi uzomthengela amachips akamlandele uya ehlathini.

Kuthiwa uMavundla uvukele umgilwa esiswini njengotshwala wamtshela ukuthi uzowukhomba umuzi onotshwala ngoba uyise womshana udelela uyise kamalume (umsolwa).

Kuthiwa kulapho eqale khona ke ukumklinya wamgwaza nasebusweni.

Emva kwesikhathi umgilwa ukwazile ukugaqa ngamadolo wafinyelela emgaqweni wathola usizo.

Ngaleso sikhathi uMavundla ubesetshele unina womgilwa ukuthi akambike umshana wakhe eCator Manor Police Station ukuthi udukile.

Emva kophenyo umsolwa uboshiwe kodwa wadedelwa ngebheyili, wadla phansi aphindange wavela enkantolo.

Incwadi yokumbopha selokhu yaphuma ngoSeptember wanyakenye kuze kube yimanje umsolwa usagcwele amathafa.

Kunxuswa noma ngubani ombonayo axhumane noCaptain Ndlovu ku-082 411 5609 noma Crime Stop number 08600 10111.

Related Articles

Back to top button