
Kuzobe kumanzi phansi koweDrakensberg Extravaganza
Morgan Ngwazi
Kuzobe kumanzi phansi emcimbini we-Drakensberg Extravaganza Music Experience oqondaniswe nomdlalo wamanqamu weCarling Knockout Cup phakathi kwe-Orlando Pirates noMarumo Gallants.
I-Music Experience ihlelelwe uMgqibelo, 6 December 2025, e-Woodstock Dam, kanti kuzonandisa abaculi abangaconsi phansi.
Abahleli bathi bakuzwile ukukhala kwabantu ezinkundleni zikuxhumana ngaphambi kokuthi kunqamuke isizini yebhola lezinyawo yasekhaya kuqale umqhudelwano we-African Cup of Nations ka-2025 ngasekupheleni kwenyanga.
“Sikuzwile ukukhala kwabantu abathanda ezemidlalo kanjalo nomculo. Ngokukhombisa lo mdlalo kubhazabhaza bamathelevishini sizama ukwakha indawo lapho abantu bezoqoqana khona bajabule bebe bejabulela nabaculi ababathandayo” kusho umhleli, uSipho Ndaba weDrakensberg Production.
Abaculi abashisa izikhotha abazobe benandisa kubalwa uMawhoo, Nkosazana Daughter, uMafikizolo, Dladla Mshunqisi, Nkeshemba, Professor, Jumbo, Blaq Diamond, Goldmax, nabanye.
Abasakazi boKhozi FM uMafresh noBingelela Mpanza bazobe bephethe umcimbi behambisana noNjinji, Sulkesi noSgxobo.
Amaciko ayisithupha aseBergville namathathu aqhamuka emadolobheni angomakhelwane iLadysmith nase-Estcourt bazoshiyelana inkundla bebhula amazolo.
“Sinxusa abathandi bobumnandi ukuthi bafike kusenesikhathi ukuze bangaphuthelwa yibabaculi ababathandayo”
Amasango avulwa ngo-3 ntambama Amathikithi atholakala e-Ticketpro nase-Spar. Ithikithi libiza uR150 kanti R200 esangweni bese kuthi omtakabani abize R600.
Ukungena necooler box kubiza uR50.



