
Incwadi efungelwe kaDuduzile ngabalwa impi eRussia
Indodakazi kaMnuz Jacob Zuma, uDuduzile Zuma-Sambudla usevulele icala uRhulani Khoza ngokumkhohlisa ngohlelo lokuyisa abantu abangu-17 eRussia beyoqeqeshelwa.
Lokhu ukwenze emuva kokuba udadewabo uBonganini Zuma-Mncube esemvulele icala nabanye ababili uSiphokazi Xuma noBlessing Khoza ngempelasonto.
Laba bobabili basolwa ngokushushumbisa abantu, futhi wabatshela amampunge mayelana nokuyokwenziwa eRussia.
Kuzokhumbuleka ukuthi kube kuningi ukhuluma emasontweni edlule abantu bakuleli ababhajwe eRussia babonakala ezinkundleni zokuxhumana nasezindabeni benxusa uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuba ubasize ubatakule kuleliyazwe.
Kuvele ukuthi laba basuke kuleli betshelwe ukuthi bayoqeqeshelwa ukuba onogada avasezingeni lomhlaba kwashintsha uma befika eRussia bafakwa ekhaleni lempi ne-Ukraine.
Kwincwadi wfungelwe ebhalwe uZuma-Sambudla uthe yena ayekwenza wayengaqonde bubi, naye wakwenza emuva kokuthola ulwazi kumuntu ayengakaze embone.
Kumanje uhlukane phakathi umndeni kaZuma, lokhu kuza emuva kokuthi uNkosazana Bongamini Zuma-Mncube esole udadewabo uDuduzile ngokushushumbisa amalungu omndeni wakwaZuma eRussia.
Esitatimendeni uZuma-Mncube (41) udalule okushaqisayo.
Uthi phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika abangu-17 abaqeqeshelwa ukuba “onogada” nababephambili empini abayisishagalombili amalungu omndeni wakhe.
UZuma-Mncube uthi abagilwa baholelwe oPhathe bazithola sebelwa impi ephakathi kwamasosha aseRussia ne-Ukraine ngaphandle kolwazi noma imvume yabo.
Uthi uvule amacala okwephula umthetho iPrevention and Combating of Trafficking in Persons Act, Foreign Military Assistance Act, kanjalo nelokukhwabanisa kukaZuma-Sambudla (43).



