
Isihluku abafundi begengca bebulala uthisha weMaths & Science
Bahle Mkhize
Sisemanzini isikole samabanga aphezulu iHambisanani High kulandela ukubulawa kwaMnuz Siboniso Mthembu obenguthisha kulesi sikole esiseManguzi.
Abasolwa abathintekayo kuleli cala kuvela abashana bakhe agodliwe amagama wabo kuze kube bayavela eNkantolo.
Bona bebefunda eMashalaza High School.
Ngokwemithombo yezindaba umfowabo kamufi uVelemseni Mthembu ngesikhathi elandisa iMCR uveze ukuthi wathola ucingo kuzosa kube nguMgqibelo mhla ka-8 kuNovember olwaluthi bathumbe umfowabo.

UMthembu uthi ngempela waya emzini kamufi wafica igazi eliningi elikhomba ukuthi ugenciwe.
Uthi umzimba kamfowabo baze bawuthola ulahlwe ebhulohweni ngako Mqobela.
Ube eseqinisekisa ukuthi abasolwa sebeboshiwe kodwa wangathanda ukwanda kakhulu ngalokho.
Induna yendawo uMnuz Russell Tembe usiqinisekisile lesi sigameko, wathi umufi ungenelwe abantu ekhaya kwakhe bamthumba, base bemhlahlela ngobhushu washona.
Kuvela nokuthi kulimale nonkosikazi wakhe ophuthunyiswe esibhedlela elimele kabi.
UTembe uthi bagqemeke engeqiwa ntwala ngalesi sigameko kwazise umufi uMthembu ubeyilunga eliqavile emphakathini aphinde abe nguthisha ovelele nobefundisa izifundo zeMaths & Science.
UThishanhloko wase Hambisanani High uthi kubuhlungu kakhulu okwenzekile ngoba labasolwa izingane ezincane ezilinganiselwa eminyakeni engu-13 kuya ku-15 ubuadala.
UZwane uthi bakwazile ukukhuluma nabafundi ukuthi behlise umoya baqhubeke nokubhala noma kunzima.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni sakwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi uthi : “Kusiphatha Kabi ukubulawa komuntu noma ngabe isizathu yini, kubi kakhulu uma kwenzeka ngalesi sikhathi kubalwa izivivinyo zokuphela konyaka”
“Lokhu kuhlukumeza ozakwabo bamufi, abafundi ngokomqondo nawo wonke umphakathi,” usho kanje.
Uphethe ngelokuthi bazolulandelela lolu daba uma selisenkantolo wase eduduza umndeni.



