Ezokungcebeleka

Imbibizane uKhuzani egqojwa uMnyango uxhaso

Umqoqi wezindondo emculweni kaMaskandi uKhuzani Mpungose (35) usezwakalise ukungenami ngokushaywa indiva uMnyango Wezemidlalo ubuCiko namaSiko.

Lokhu kuza emuva kokuthi eqokwe emcimbini wezindondo iHollywood and African Prestigious Awards (HAPAwards).

Le miklomelo izokuba ngomhla ka-1 Novemba eWilshire Ebel Theatre, eLos Angeles, eCalifornia, e-United States opf America.

Uma ngeempela kugcina engalutholi uxhaso kuzophoqa ukuthi angene ephaketheni lakhe.

Uqokwe emikhakheni emibili okukhona kuwo iBest Independent Artist (African) neBest Male Artist (wase-Afrika).

Ungomunye wabaculi bakaMaskandi abanohlonze nababhekwe ngabomvu kuleli. Nokho, uzizwa engabongwa “ngomnikelo wakhe obalulekile”.

“Ukuzimela kuvame ukuza nezimpi ezingabonakali – ezingokomzwelo, ezezimali nezokudala,” etshela iSunday World.

“Njengomuntu ozakhele igama emhlabeni wonke ngaphandle kokusekelwa kwamalebuli amakhulu noma ukusekelwa yisikhungo, kwesinye isikhathi ngizizwa ngingabongwa ngokwanele ekhaya,” kusho yena.

“Kube nezikhathi eziningi lapho kuzwakala sengathi kufanele ngihambe ekhaya ukuze abantu babone ukuthi mkhulu kangakanani umsebenzi engiwenzile,” esho ekhuluma.

“Emazweni aphesheya, abantu bayawuzwa uMaskandi, futhi bawubiza ngokuthi ubuciko. Bakhuluma ngezinkondlo, isigqi nomyalezo. Ekhaya, usathathwa njengomculo wangemuva. Lokho kubuhlungu – ikakhulukazi uma uchithe impilo yakho yonke wenza lokhu ngokungenzi lutho.”

Uthi uthola ukubongwa okwengeziwe ngaphandle kweNingizimu Afrika.

“Ngibona abalandeli baseNigeria, Kenya, UK, ngisho naseMelika imbala bekhombisa uthando nenhlonipho kuMaskandi, bangibona njengenxusa lamasiko, hhayi nje ukuzijabulisa,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button