Izindaba

Izinguquko ezinqala kumaMapanyaza agxekwe uMkhwanazi

Kwenzeke zinguquko ezingajwayelikele uhulumeni waseGauteng oholwa undunankulu uMnuz Panyaza Lusufi ehlakaza amaPanyaza.

AmaPanyaza uhlaka elasungulwa ngonyaka ka-2003 ngenhloso yokulwa nobugebengu.

Lezi zinguquko ziza emuva kokuthi uGen Lt Nhlanhla Mkhwanazi ancoma isenzo sikaLusufi kuMadlanga Commission kodwa wathi amaPanyaza awekho emthethweni.

Kwisithangami sezindaba abesibizwe ngoLwesithathu uLusufi umemezele ukuthi lolu hlaka seluzoya koqeqeshwa ukuba ngamaphoyisa omgwaqo.

UMkhwanazi uthe ngokomthetho, lolu phiko kufanele ngabe yinto engakaze ibe khona, futhi wakuveza lokhu, kodwa washaywa indiva.

Nakuba sekugqame uMkhwanazi kodwa nongoti kwezamaphoyisa bebevele benezikhalo ngalolu phiko, ngokuthi amalungu alo kawaqeqeshiwe ngokwanele futhi kawanazo izinsiza ezidingekayo.

“Njengamanje kuMadlanga Commission omunye uJenene uthi lokhu esakwenzayo akukho emthethweni omunye uJenene uvumelana nathi. Ngalokho kwalokho sinohla olusemthethweni nolusebenzayo njengoba sikhuluma,”

“Kungani singaweleli ngaphesheya kubo kunokuthi silokhu siphikisana ukuthi kusemthethweni noma cha. Namhlanje sizonazisa ukuthi bazoqeqeshwa ukuzojoyina uhlaka oluvele lungaphansi kobuholi besifundazwe,” kusho uLusufi.

Uphinde waveza ukuthi labo abangakhoni ukuyoqeqeshelwa ubuphoyisa bazojutshwa komasipala abehlukene, baqinisekise ukulandelwa kwemithetho.

Abanye bazoba ngonogada eminyangweni kahulumeni uma sebeqeqeshiwe.

Related Articles

Back to top button