Izindaba

Kutholakale isidumbu sidindilizile sinqunu

Sane Mseleku

Kutholakale isidumbu esinqunu sowesilisa esikhwameni silahliwe eduze nomgwaqo, ePhoenix, eThekwini ngoMsomhuluko ntambama.

Onogada benkampani iReaction Unit South Africa (RUSA) basabele ngokushesha, kulandela ucingo abalitholile.

Lokhu kwenzeke emva kokuthi umuntu thizeni ophila ngokuqoqa izinsimbi ethole isikhwama esisolisayo wase ebikela onogada.

Ngesikhathi befika onogada benkampani  iReation Unit South Africa (RUSA) esigamekweni, bafice owesilisa eseshonile egoqwe wafakwa esikhwameni engagqokile kwesingezansi.

Ibingakaziwa imbangela yokubulawa kwakhe kuze kube manje.

Khonamanjalo nenkampani yonogada iPT Alarms isebenze kanzima kugagaziswana ngenhlamvu kuHime street, eWentworth, eThekwini.

Nayo isabele ngokushesha endaweni yesigameko.

Kubikwe ukuthi iqembu labesilisa, ebelihlomile lidubule kwashona oyedwa, kwathi ababili balimala baphuthunyiswa esibhedlela.

Imbangela yalokhu kudubula nakhona ibingakaziwa, kodwa udaba lusaphenywa.

Related Articles

Back to top button