Ezokungcebeleka

Kuvuke usawoti ogqokweni kokuhlukanise uBlack Coffe no-Enhle

Bahle Mkhize

Kuvuke izinsolo ezimbi zokungathembeki ebudlelwaneni kwaBlack Coffe osanda kuhlukanisa nonkosikazi wakhe u-Enhle Mbali Mlotshwa.

Lezi zinsolo zivuswe uMusa Khawula ongusaziwayo enkundleni yezokuxhumana iX nakuba sekuneminyaka eyishumi  senzeka lesi sigameko.

UKhawula usabalalise isithombe nesiqeshana ekhomba ngenjumbane imodeli uPheladi Makhola owayesemjolweni ovuthayo noBlack Coffe ngo-2013.

Uphinde waveza nokuthi lomjolo waqala ePolokwane ngaleso sikhathi uBlack Coffee no-Enhle babesashadile. Ubudlelwano babo bobabili kuthiwa baba muncu kusukela lapho.

Le ngede ezikhininda zonke iveze nokuthti uBlack Coffe wagcina evumile ukuthi ushibilikile.

Lo DJ osanda kutshelwa yinkantolo ukuthi kumele amondle ngoR15 000 njalo ngenyanga noR50 000 wokondla izingane njalo ngenyanga.

Inkantolo ibuye yamyalela ukuthi uBlack Coffe kumele anikeze unina wabantwana bakhe uhhafu wonke umcebo anawo.

Njengamanje kuthiwa lo DJ ohlonishwa umhlaba wonke umcebo wakhe ulinganiselwa ku-$ 60 million (R1.38 billion) uma ibuyiselwa kumarandi.

Lengqophamlando wesehlukaniso ubusudonse iminyaka eyesithupha kugqigqwa izinkantolo.

Related Articles

Back to top button