Ezokungcebeleka

Amanye amacala kowaMaskandi oboshelwe ukubulala

Liyah Mseleku

Usizi lubiza olunye kumculi kaMaskandi uDlubheke Khuzwayo (31) osebhekene namanye amacala engeziwe kulawo abebekwe wona.

Lo mculi odabuka enyakatho nesifundazwe saKwaZulu-Natal, eNquthu, ubebhekene namacala okufa kwabantu ababili ngonyaka ka-2023.

Ezivela manje wukuthi sekunamanye amacala avukile nokwenza impilo yakhe ibe nzima njengoba evalelwe.

Namhlanje (Msombuluko) bekufanele ngabe ufake isicelo sebheyili eNquthu Magistrate Court kodwa kwashintsha ukudla epletini.

Emacaleni avelile kuthiwa uyabandakanyeka ekubulaweni kwabantu ababili esigamekweni esenzeka eGoil.

Elinye lamacala kuvele ukuthi lenzeka ngomha ka-1 January 2022, usolwa ngokubulala umfana wakwaMajola.

Amaphoyisa aseGoli kuvela ukuthi abe esethola incwadi yokumbophela elinye futhi icala ngezinsolo zokudubula abulale umufi uPhinda Hadebe, eKatlehong, ngomhla ka-1 November 2024.

Kumacala amane enzeka eKZN okubulala amabili namanye namabili okuzama ukubulala ahlehlele umhla ka-27 November 2025.

Kwenziwe lokhu ngenxa yokuzama ukunika ithuba elanele umbuso ukuze kuhlelwe izinsuku zokuqulwa kwalo.

Kuzokwenzeka konke lokhu yena esatokile ngaphakathi.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba ngesikhathi eboshwa laveza ukuthi lamacala abekwe wona ahlobene nodlame oluqhubekayo embonini yamatekisi.

Kumacala enzeka ngomhla ka-12 November 2023 kuthiwa abesilisa abane ababehamba ngemoto emhlophe bevela eNtinini, eBabanango, bavinjezelwa umsolwa.

Kuthiwa umsolwa wavulela ngenhlamvu kwafa izisulu ezimbili kwathi abanye basinda ngokulambisa.

Related Articles

Back to top button