Ezokungcebeleka

Kuzokhunjulwa uMazet kwi-Annual Crown Gospel Music Awards eDBN

Sihle Mkhize

Ishaya ibuya ihlandla leshumi nesishagalombili indumezulu yomcimbi wezindondo i-Annual Crown Gospel Music Awards.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi wasungulwa owayengumsakazi woKhozi FM ongasekho uZanele “Mazet” Nkambule.

Lo mcimbi okumanje ungundabamlonyeni uzobanjelwa eThekwini e-ICC Convention Centre ngomhla ka-23 November 2025.

Kulindeleke ukuthi izicukuthwane ziqale zinyathele kumata obomvu kusukela ngehora lesine ntambama bese kuthi umcimbi omkhulu ulandele ngehora lesikhombisa kusihlwa.

“Kuyintokozo ukuthi kulo nyaka lo mcimbi ushaya ibuya eThekwini kwazise ubusubanjelwa eGoli eminyakeni emibili edlule. ITheku ikhaya lethu sonke,”

“Sijabule sifile ukubuyela la kwaqala khona yonke into, sinxusa nomphakathi ukuthi usheshe uzitholele izihlalo kusakhanya ngoba kulo nyaka kuyobe kudela umakhasana,” kusho uMfundisi uMtshali okunguye okhulumela iCrown Gospel Music Awards.

Lo mcimbi uvame ukuhlanganisa osaziwayo endimeni yomculo, abaholi bamabandla nabathandi bomculo jikelele.

Akubuzwa ukuthi lo mcimbi usuzakhele igama nasezwenikazi lase-Africa kwazise neGospel News Africa isike yakuveza ukuthi uthathwa njengomkhulukazi.

Kulo nyaka kuzobuye kukhunjulwe uZanele njengomsunguli walezi zindondo.

“Kulo nyaka sizobe sikhumbula impilo kaZanele njengoba sizobe siyigubha edolobheli iTheku,” kwengeza uMtshali.

Kwenzeke okungajwayelekile kulokhu njengoba kuvela ukuthi kunabantu abangu-890 abangenelele lo mncintiswayo nokuyizinkomba zesasa.

Uhlu olusemthethweni lalabo abangenelile luzokhishwa ekupheleni kwenyanga ka-October.

Kumanje amathikithi aseyatholakala kwiWebtickets, kunxuswa abathandi bomculo ukuthi baphuthume ezitolo.

Related Articles

Back to top button