Ezokungcebeleka

UKhuzani embangweni wezindondo zomhlaba 

Amanda Mjaja 

Uqokelwe imiklomelo emibili emcimbini i-Hollywood and African Prestigious Awards 2025, eLos Angeles, umculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose.

Uqokwe kwiBest Independent Artist (African) and Best Male Artist (African).

UKhuzani waziwa kakhulu ngokuwola izindondo kumculo kaMaskandi eNingizimu Africa kumanje uphakamisele phezulu ifulegi lakuleli ngemuva kokuqokwa kulo mklomelo.

Lo mculi wenoni elisihloko sithi “Ijele” ukhethwe njengomculo ozimele ohamba phambili (e-Africa).

UKhuzani odabuka eNkandla, KwaZulu-Natal, uthe lokhu kuqokwa kwakhe kusho lukhulu kuye nakubalandeli bomculo kaMaskandi.

“Ukubonwa enkundleni yamazwe omhlaba efana nama-HAPAwards kusho lukhulu futhi kuyisibusiso kimi”

Lokhu kuqokwa kwami ngokwawo wonke umuntu ongisekayo nokholelwayo kuMaskandi,” kusho uKhuzani.

I-HAPAwards igubha ithalente elivela e-Africa kanye ne-African diaspora emculweni, kumafilimu, kwezemfashini nasemsebenzini womphakathi.

Le miklomelo ibanjwa minyaka yonke e-LA kusukela ngo-2017, ihlanganisa osaziwayo bomhlaba kanye nabadali base-Africa.

UKhuzani uthe ukuqokwa kwakhe kufakazela ukuthi umculo wendabuko wase-Africa uyakwazi ukuba semazingeni omhlaba.

“Umsindo wethu, wendabuko ukhuluma ngqo nenhliziyo awudungi kuhumushwa,” kusho uKhuzani.

UKhuzani uphinde aziwe ngokuthi uKing Khuba, ungomunye wabaculi abazimele abaphumelele kakhulu eNingizimu Africa.

Ama-albhamu akhe avame ukushaya i-platinum, futhi ugcwalisa izinkundla zemidlalo ngemicimbi yakhe i-Gcwalisa Spring Picnic All White ne-Blue Nation Festival.

Ngokusebenzisa i-Indlamlenze Foundation yakhe, uKhuzani usekela ukuthuthukiswa kwentsha,

Ukufundiswa komculo nokulondolozwa kwamasiko ezindaweni zasemakhaya. Ukhuzani uke wakhipha umbiko wokuthi uyashadelwa ngoDecember ukuze kwande amagama.

Related Articles

Back to top button