Izindaba

Ubhokodwe yintombi ngommese efohla

Bahle Mkhize

Usathuthumela intukuthelo umphakathi waseDuduza, East Rand, eGoli kulandela ukubulawa ngesihluku kwaMnuz Banele Sibiya (31) ebulawa yintombi yakhe.

Imibiko iveza ukuthi uSibiya obengumkhandi wezimoto ubuye ekhaya wafica isango lilenga ingidi. Kuthe uma ebona ukuthi akaphendula muntu uma ememeza wase efohla.

Esingenile endlini uzithele phezu kwentombi yakhe yamqulela ngamanzi abilayo amyocula ubuso.

Umgilwa uhlulekile wukubona, lo wesifazane wangamnika thuba wamphuthuma ngommese emgwaza ephindelela nokuholele ekutheni agcine ngokushona.

Emva kwalesi sigameko lo wesifazane ungene kuFacebook ezithethelela ngokuthi ubengaqondile ukubulala.

Kwenzeka lesi sigameko nje abaningi abakamukeli ukubulawa ngesihluku kwaXichavo Ntswanwisi (31).

Lo wesilisa waseMalamulele, eLimpopo, wabulawa yintombi yakhe (22) imgwaza ngomese emqaleni beseflatini eGoli, eMidrand. Washonela endaweni yesigameko.

Lo wesifazane kusolwa ukuthi wabulala isoka lakhe ngenxa yokuthi lamshiya endlini yedwa layo ‘gruva’ nabangani.

Naye umsolwa wangena ezinkundleni zokuxhumana emuva kokugila lomhlola, nokho wagcina eboshiwe ngokuhamba kwesikhathi wakhishwa ngebheyili.

Ungcwatshwe ngomhla ka-27 September.

Related Articles

Back to top button