
Ingwiji ngomcebo kwidivosi ka-Akon
Kuphuzwa ngayo itiye umhlaba wonke eyesihlabani somculo weR&B u-Akon osolwa ngokuthi ushaye ngemfe iphindiwe umkakhe uTomeka Thiani obemdivosa.
Kuthiwa unkosikazi ubezibheke ngesamba semali yesehlukaniso kodwa kwatholwa ukuthi u-Akon uno-$10 000 egamani lakhe ebhange.
UThiami ubefuna imali engango, $100 000ezeseka ngokuthi udlale indima enkulu ekwakheni umcebo ka-Akon.
Ubale ukuthi wadlala enkulu indima ekwakheni ibhizinisi lezindlu ne-Akon Lighting Africa initiative.
Badivosana nje bese beshade iminyaka engu-29.
Okuthuse abaningi wukuthi izimali zakhe zingaphansi kwegama likanina (Akon).
Abaningi bakhuluma eyokuthi kungenzeka ukuthi ushushumbise umcebo wakhe ngaphansi kwegama likanina ngoba ebalekela ukulahlekelwa.
Abanye basho okwehlukile bajatshuliswa wukuthi u-Akon uchayise uThiami.
Izazi zezomthetho ziveze ukuthi kuba nzima kakhulu uma izimali zingamelwe ngomunye wesithathu.
Zithi umqansa wembongolo icala lesehlukaniso esinje, kuze kube yimanje u-Akon ubengakaze ayithi vu le esidlangalaleni nabammeli bakhe.



