
Ezintsha ngendida yokufa kwaMthethwa eFrance
Philasande Luthuli
UMnyango Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba kanye Nokubambisana (i-DIRCO) ukuqinisekisile ukuthi izinhlelo zokungcwatshwa kwenxusa laseNingizimu Afrika eFrance, uNathi Mthethwa ngeke angcwatshwe singahlolwanga isidumbu sakhe.
Ngokwemibiko yakamuva i-DIRCO ithe balinde ukuphothulwa kwazo zonke izinqubo ezisemthethweni, okuhlanganisa nophenyo oluqhubekayo mayelana nezimo ngokushona kwakhe.
Kuthiwa la awela khona zazingekho ngisho izingcucu zamabhodlela okukhombisayo ukuthi uwele lana.
IDIRCO isiqinisekise umndeni kaMthethwa ukuthi amathambo wakhe azobuyiselwa eNingizimu Afrika uma sekuqedwe yonke imigudu efanele.
Khonamanjalo, unkosikazi kaMthethwa uPhilisiwe Buthelezi uthi uthole umyalezo kumyeni wakhe uNathi Mthethwa exolisa ethi ufuna ukuzibulala.
Lo mbiko uvele kubaphenyi baseFrance, eParis lapho kuthiwa uMthethwa (58) uzibulele khona esuka phezulu wayozithanqaza phansi esehhotela iHyatt.
Okuthuse kakhulu emuva kwalapho ukuthi ube eseduka wangaziwa wumuntu futhi wangatholakala.
Uze watholakala ngoba esefile, kuthiwa nehhotela ashonele kulo alikho nakude nala abehlala khona lisendleleni nje.
Ngokwehhotela kuthiwa ubebhukhe ku-22nd Floor, nokuyilapho kuthiwa usuke khona ebheke phansi.
Kuthiwa iwindi libukeka liphoqwe ngenkani ukuze livuleke.
UMnyango wezokuXhumana kwamazwe eNingizimu Africa usuzwakalise amazwi enduduzo nokushaqeka ngokudlula emhlabeni kwaMnuz Nkosinathi Emmanuel Mthethwa.
UChazwe njengesishabasheki ebesisebenzela uhulumeni eqokwa ezinkhundleni ezibucayi okubalwa ukuba uNgqongoshe wamaPhoyisa, ezeMidlalo, ubuCiko namaSiko.
Uphinde waba kwibhodi kwiKomiti elalihlela indebe yomhlaba ngo-2010.
“Nginesiqiniseko sokuthi ukudlula kwakhe akulahlekelwe kuphela isizwe kodwa umphakathi wasemhlabeni jikelele,” kusho isitatimende.
UMthethwa oqokwe njengenxusa ngonyaka odlule, kuthiwa uduke ngoMsombuluko watholakala eseshonile ngoLwesibili.
Ngokombiko weziko lezindaba iLe Parisien, isidumbu sakhe sitholakale ehhotela iHyatt.
Kuthiwa kubike umkakhe uPhilisiwe Buthelezi ukuthi unyamalele futhi umthumelele umyalezo okhathazayo.
Ucingo lwakhe beluvuliwe ngabo-3 ntambama ngoMsombuluko ngaseBois de Boulogne, eParis. Amaphoyisa abe esemthungatha esaba ukuthi uzibulele.



