
Ubungqwele kwiGWM ihlehlisa kwasani ngengqovungqovu
Ngeney’ntwen Mkhize
Kumele bazishaye isifuba kwaGMW ngokwakha idouble cab eyi 4×4 engumhuqa nephakeme ngale ndlela, impela ihlukanisa abafana emadodeni.
Lapho bengihamba khona emehlo abephenduka nami kule nsimbi, ubude bayo buphakathi kwa-5410 no-5416 mm umhuqa uqobo.
Kanti ukushiya kwayo igabade kusuka ku-1884 kuya ku-1893 mm. Ngibone ukhakhayi lweToyota Tazz lulingana nokuphakama kwebhonethi yale ngqovungqovu nganikina ikhanda.
Ngale kwalokho iphuma namathayi amakhulu ungafunga ukuthi ugandaganda.
Lokhu kuphakama namathayi amakhulu okubalwe ngenhla ngikubone kahle ukubaluleka kwakho ngesonto eledlule e-Adams Mission ngesikhathi kuvakashe inkosi yakwaShembe uNyazilwezulu.

Kanti nasemigwaqeni yaseMthwalume koQoloqolo ubushosholoza lo mshini ozishintshayo (automatic) njengoba kune bhathini olicindezelayo (offroad) nelenza imoto imelane nobhuqu nezintaba.
Zonke izimoto beziyibalekela indawo okube lula kwiGWM ukupaka khona.
Ngaphakathi ukhangwa isunroof ethokozelwa abaningi njengoba sekuqala nokushisa, izihlalo ezesikhumba le ebengiyivivinya bezimnyama suku.
Ishaya ngamascreens amabili eqondene nomshayeli kanye nengasesihlalweni somgibeli. Zombili zenza imisebenzi eyahlukene esikumshayeli siqondene nokuhamba kwemoto.
Kuthi esinye ukwazi ukwenza konke okwenziwa yilezi zimoto zesimanje okubalwa umkhombandlela, ifoni yakho uyibuka kule screen ukulawula umculo nokunye okuningi.
Izinga lezobuchwepheshe elihambisana nezokuphepha liphezulu kakhulu iyakutshela uma uzoshayisa, uma kudlula imoto eceleni emgaqweni iyabaniza ngokuphuzi ngasesibukweni.
Uma kade umsindo uqhuma phezulu uma usuhlehla izehlisela yona ukuze uzwe uma kukhona okushayisayo.
Ngokwesipiliyoni sami ekushayeleni kuhle lokhu kodwa ngisakholelwa ekubukeni ngamehlo enyama ungathembeli kakhulu kwezobuchwepheshe.
Insimbi le inama modes ahlukene okukhona kuyo nesport kusuka amaphepha ngeke usho ukuthi iveni, nokho ligabe nangama-ABS abamba ngqi. Khumbula futhi lidonsa ngamasondo womane.

Isikhala ngemuva esikhenkeni udedangendlala ngibone ngesikhathi ngiphume nabantwana siye olwandle eToti bekungathi basendlini yesimanje yomxhaso kahulumeni.
I-armrest yakhona uyayivula kunesikhala phakathi esingakwazi cishe ukufaka isinkwa esiphelele, ibuye ikuveze izindawo zokubeka izingilazi.
Omunye ubuzile ukuthi kusaseyimoto le noma umuzi uqobo ngimane ngafa yinsini.
Ngingakululeka mfundi wePurpose ukuthi uvakashele kwaGMW noma uHaval ngeke uzisole, nathi geke siyiqede namhlanje le ngqovungqovu kungaphela u-ink.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



