Izindaba

ISANDF nabaseZim enkantolo ngecala lokushushumbisa

Sphumelele Mjaja

Azovela namhlanje eNkantolo yeMantshi eMusina, amalungu amahlanu eSouth African National Defence Force (SANDF), okubalwa nesosha lesifazane.

Azobe angahambi wodwa kodwa nababili, baseZimbabwe abakuleli ngokungemvumo.

Laba solwa babhekene namacala okushushumbisa ugwayi, ukukhipha isibhamu kanye nokubalekela ingalo yomthetho.

Abasolwa babalelwa eminyakeni engu-26 no-42, baboshwa ngoLwesibili, ngesikhathi amaphoyisa okuyi-SAPS Limpopo Beitbridge Task Team kanye ne-Military Intelligence beqhuba umsebenzi wabo.

Ukuboshwa kwabo kulandela isehlakalo esenzeka ekuseni ngalolo suku e-Artonvilla, emgwaqeni wokuqala waseMalaladrift eduze komfula iLimpopo.

Kuthiwa kwaqhuma inganono nokwaholela ekutheni abashushumbisi babaleke bashiye phansi amabhokisi kagwayi owawushushumbiselwa eNingizimu Afrika.

Kwasala phansi amabhokisi angu – 24 kagwayi angekho emthethweni.

Amaphoyisa athe uma enza uphenyo kwatholwa amabhokisi ayisithupha ebefihlwe la kuqube khona amasosha.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe uxwayise ngokuthi inkohlakalo ebandakanya amalungu aphathiswe ezokuphepha kuzwelonke ngeke ibekezelelwe.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button