Izindaba

Ibhubhudlwe ‘kutetemukwa’ phesheya eyamasosha

Sphumelele Mjaja

Kubatshazwa uNgqongqoshe wezokuVikela u-Angie Motshegka indlela abhubhudle ngayo isamba semali engu-R20 million ‘etetemuka’.

Lo mbiko uvele ngesikhathi u-Angie Motshegka namasekela wakhe amabili ehlaziywa nabasebenzi baseMnyangweni ukuthi bayisebenzise kanjani imali yabakhokhi bentela.

Njengoba behamba amazwe omhlaba angu-22 okubalwa iRussia, Angola, China, Saudi Arabia kanye naseFrance.

Kube sukuvela ukuthi imali engango R4 931 185 isetshenziswe ukuqasha izimoto, R5 569 029 uhambo lasekhaya, R5 204 723 uhambo lwamazwe ngamazwe, R3,040, 637 wokuqasha izindlu zokuhlala R280, 548.

Ezindlekweni zokuhlala ekhaya nezokuvakasha R580, 418 ku-S&T yangaphandle, kanye nemali engango R578, 690 yezinsiza zokuhamba ngomkhumbi.

Ilunga le-ActionSA ePhalamende uLerato Ngobeni uthe: “Lesi yisithombe sikahulumeni esiveza ngokusobala ukuthi uzitika ngobukhazikhazi ngenkathi amasosha ebeka izimpilo zawo engozini, akukuhle neze lokhu”

Uqhubeke wathi: “Kumele sigxile ekwakheni umbutho wokuvikela onekhono ngempela onemithombo efanele, oqeqeshwe kahle futhi okwaziyo ukukhonza nokuvikela iNingizimu Afrika ekhaya nakwamanye amazwe”.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button