Izindaba

Ibambene ngezihluthu kubangwa eyempesheni kaMabuza

Sphumelele Mjaja

Imali yempesheni kalowo ongasekho uDavid Mabuza nowayengusekela mongameli isidale ingxabano phakathi kwalabo abazibiza ngamakhosikazi wakhe.

Lokhu kungezwani kuza emva kokuthi kuphume izimali zikaDavid Mabuza ongasekho emhlabeni ezingango R44.7 million.

UNonhlanhla Patience Mnisi ongomunye wamakhosikazi kaMabuza uzishaya isifuba ngokuthi uyena okufanele athole lemali yempesheni.

Noma kunjalo u-Emunah Silinda nendodakazi yakhe uTamara Silinda bashaya phansi ngonyawo bathi ifa ngelabo.

U-Emunah ukusho lokhu ngeqholo lokuthi yena uyakuphikisa lokho uthi uyena okumele noMabuza bashada ngokwesiko ngo-1999.

Kuvele ukuthi noTamara ongumfundi owenza unyaka wokuqala emkhakheni wezokwelapha, naye udinga usizo lwezimali ukuze aphothule izifundo zakhe.

Lolu daba luxoxwe eNkantolo ephakeme yaseMpumalanga nokuyilapho kufundwe iSigaba 37C soMthetho Wezimali zempesheni zika mufi indlela okumele ihlukaniswe ngayo nangokulinganayo.

Inkantolo kulindeleke ukuba ilalele leli cala ngokuphuthumayo ngoSepthemba 23, 2025.

UMabuza, owayebizwa “The Cat” ngenxa yekhono lakhe lokusinda kwezombusazwe, wake waba ngundunankuli waseMpumalanga.

Ubephethe i-ANC esifundazweni futhi esatshwa ngenxa yekhono lakhe lokwenza noma lokuqeda imisebenzi.

Umnyakazo wakhe omkhulu uqhamuke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi baleli qembu ngo-2017, lapho alaxaza owayenguMengameli uJacob Zuma weseka uCyril Ramaphosa.

Ngaphambi kwalokho, uMabuza wayeseka uNkosazana Dlamini-Zuma.

Kodwa ngesikhathi uMabuza eshintsha ukumeseka, ithimba lakhe lesifundazwe lonke lamlandela.

Uphinde waqokwa njengePhini likaMongameli kuKhabhinethi kaRamaphosa.

UMabuza ubevikela uRamaphosa ezitheni zepolitiki ngaphakathi kuhulumeni.

Wasebenzisa amandla wakhe ukususa abantu abaxhumene nenkohlakalo ezikhundleni ezibalulekile.

Ngenxa yezinkinga zempilo uMabuza uphathe ihlandla elilodwa kuphela njengePhini likaMongameli. Esikhundleni sakhe kwangena uMnuz Paul Mashatile.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button