
Umyeni udubule ‘wabulala’ unkosikazi kudliwa
Kudutshulwe kwabulawa owesifazane endaweni yokudlela yaseWaxy O’Connors eWestville, eThekwini, ngoMsombuluko.
Lokhu kuzangemuva kokungaboni ngasolinye phakathi kwakhe nomnyeni wakhe.
Amaphoyisa aqinisekisile ukuthi umsolwa bamvalele esitokisini.
Esitatimendeni, i-DRK Tactical security okuyinkampani wonogada ithe onogada bayo baphendule ngemuva kwemibiko yokudutshulwa, ngemuva nje kuka-13: 30 ngoMsombuluko.
“Iphoyisa elihlomile lathunyelwa ukuba liyohlola futhi labona abantu abaningi bebaleka endaweni yokudlela yasendaweni. Ngokushesha leli phoyisa lacela usizo”, kusho inkampani.
Amaphoyisa afike kowesilisa okungumsolwa wazinikela ngaphandle kokulwisana namaphoyisa.
Isisebenzi sezokwelapha sazama ukumbamba lona wesifazane owayeneminyaka engamashumi amane ubudala kodwa wayengaphenduli.
News 24
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



