Ezokungcebeleka

Kuphelile obekuhlanganise uSweet Guluva no-Ashley

Sphumelele Mjaji

Ligqashukile ucu phakathi kwa-Akhonamathemba Mbele onqobe kwiBig Brother Mzansi odume ngelika Sweet Guluva no-Ashley Ogle.

Bobabili bazakhela udumo nogazi ngesikhathi bengenele umqhudelwano ku-season 5.

U-Ogle uqinisekise ukuhlukana kwabo esiqeshini esithi Drink or Tell the Truth ekhuluma noLasizwe ku-YouTube.

“UGuluva omnandi wahlukana nami. Ngaphoqeleka ukuba ngehle ngenyuke naye noma sekungasekho lutho phakathi kwethu. Ngingumlandeli kaSweet Guluva, futhi bengithandana naye. Ngisazosho ukuthi ngiyamthanda”

“Ngicabanga ukuthi uSweet Guluva ubengithanda, kodwa ngo-Akhonamathemba, akufani,” kusho u-Ogle othe ukuhlukana kwabo kumethusile.

“Ngokujwayelekile, uvame ukubona uma kukhona okuzayo. Kimina, kube yisimanga sekuyinyanga nesikhashana sahlukana”

Kwadingeka ngiziphoqe ukuthola isizathu sokuthi sokuhlukana kwethu.

“Angisakhumbuli nesizathu, ngicabanga ukuthi sasingalungile kakhulu. Wathi uyasebenza”

Kimi, kwakubonakala sengathi u-Akhonamathemba akakaze abe namacebo ngo-Ashley Ogle – kwakungu-Ashley Ogle owayenezinhlelo nje.”

USweet Guluva waqala ubudlelwano kwezothando no-Ashley phakathi nesizini yesihlanu kulo mdlalo wethelevishini.

Bekusabalele amahlebezi okuthi laba bebelindele ingane yabo yokuqala.

U-Ogle uzichithile lezi zinsolo engxoxweni abe nayo kwelinye lamaphephandsba ngemuva nje kokushiya indlu kaBig Brother.

“Angizange ngilale noSweet Guluva kuthevishini. Angizange ngilwenze  ucansi. naye. Ngakho-ke, angikhulelwe,” esho.

U-Ogle uphinde wakhuluma ngezinhlelo zakhe. Uthe uhlose ukugxila emsebenzini wezonobuhle nabezindaba okubalwa nokulingisa.

“Ngizophinde ngiphushe ukubhala, noma ngabe imidlalo yethelevishini noma umculo, futhi nakanjani imfashini nezinwele”

“Abantu bangibonile nginezinwele ezilukiwe, ngakho-ke nakanjani izinwele,” kusho u-Ashley.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button