
Bashaye bachitha ‘abafana’ nesamba semali esingaziwa
Liyah Mseleku
Ithimba lezigelekeqe likhale lemuka nesamba semali kuVincent Dickenson Road, Cottonlands, KwaZulu-Natal esigamekweni sokubanjwa kwemoto ethutha imali.
Lezi zigilamkhuba okuthiwa bezibalelwa ku-15 ziphuce onogada izibhamu ezinkulu nesisodwa esincane emuva kwalokho bazitapela emalini.
Lesi sigameko senkeke ngoMsombuluko ekuseni.
Inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) ithi uthole inqwaba yezingcingo abantu bebabikela ngokubanjwa kwemoto yemali obekuqhubeka.
Nebala ayipholisanga maseko baphikelela endaweni yesigameko nokho bafice itshe selome inhlama sekusele imoto yemali igqamuka amalangabi.
Unogada wakwaRUSA ofike kuqala endaweni yesigameko uthole ukuthi amadoda ayishumi nanhlanu avulele ngenhlamvu bebhekise ngqo emotweni ethutha imali.
Ufakazi ozibonele ngawakhe uthi ubone labasolwa bebaleka ngemoto emhlophe yohlobo lwe-Isuzu D Max neNissan NP 200 belibhekise ngNdwedwe.
Kube sekutholakala inqwaba yamagobolondo ezinhlamvu, ngenhlanhla amukho okubikwe ukuthi ulimele noma bamthume uphuthu.
Ezinyangeni ezinhlanu ezedlule iPurpose ibike ngesigameko esifuze lesi emgwaqweni onguthelawayeka uN2 ngase-Avoca, eThekwini.
Nakhona izigelekeqe zishiye kumahlaphahlapha ziqeda ukubamba inkunzi imoto ethwala imali nokho akulimalanga muntu.
La madoda ayehlome ezingovolo avulela ngenhlamvu kule moto ubheke eningizimu no-N2.
Amalunga enkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) azithela phezu kwemoto yemali isha ubuhanguhangu kuNandi Drive.
Onogada bafike sekugcwele amaphoyisa, nalapho kwavela khona ukuthi izigebengu zisebenzise isikhathi sokuphithizela kwezimoto ntambama ukugila lo mhlola.
Amaphoyisa athola nokuthi impela bekusetshenziswa izibhamu ezinkulu neziqhumane.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



