Izindaba

Bawuchame bawuphuza abebedakelwe emgaqweni beholile 

Bahle Mkhize

Bawuchame bawuphuza abebedakelwe emgaqweni kuzosa kube uMgqibelo, abakwasidlodlo bebhilitile bebopha izephulamthetho.

Amaphoyisa akwaRoad Traffic Inspectorate KwaZulu-Natal abechithi saka ebopha izidakwa, abaphula imithetho nabadla izidakamizwa.

Amaphoyisa abeholwa ngowesifazane ahlanganise abakwaRTI, Metro, aveze ukuthi aqaphelile ukuthi njalo ngomhla ka-15 enyangeni kuba nezingozi esihlasimulisa umzimba.

Kulokhu athe ngeke ahlale agoqe izandla eholwa imbokodo zakhala.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu uSiboniso Duma uthulele isigqoko Imbokodo.

“Ngiyithulela isigqoko imbokodo kamagayisa ukufuqa umkhankaso weZero Tolerance no-Alufakwa ezingxenyeni eziningi zesifundazwe,”

Phakathi kwezephulamthetho ezilale zibaliwe kubalwa abebeshayela bedakiwe, abadle izidakamizwa nokwephula iNational Road Traffic Act neNational Land Transport Transition Act.

Abanye babanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezidakamizwa.

Nalabo abebehamba ngezimoto ezisolakala ukuthi zebiwe nabanezincwadi ezakhishwa ukuthi baboshwe abasalanga ngaphandle.

“Esontweni lokuqala enyangeni ka-Agasti salahlekelwa abantu abangaphezulu kwa-30 emgwaqeni”

“Sikuqaphelile ukuthi izingozi zikhuphuka ngezinsuku zokuhola, ikakhululazi ekupheleni kwenyanga, mhla ka-15 no-25”

Kuyaziwa ukuthi iningi lezidakwa zibhubhudla imali ezisuke ziqeda kuyihola ngalolu suku.

Lokhu kuholela ekutheni kugcwale izimoto emgaqweni, abahamba ngezinyawo nokugcina ngezingozi life nabantu.

UNgqongqoshe uthi yolezi zizathu ezibhalwe ngenhla ezenza ukuthi kuphume nesinedolo emaphoyiseni ukhombisa ukuthi alufakwa eKZN.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button