Ezemidlalo

Kusinda kuyehlela kwiPirates eseyingomhlezi edliwa

Akukavumi ukuhlangana kahle kwi-Orlando Pirates ephinde yaphoxa ithola induku kwiMarumo Gallants ngoLwesibili ebusuku.

Lo mdlalo weBetway Premiership obuseDr Petrus Molemela Stadium uphele ngo 2-1 kunqoba elasekhaya.

Nokho iPirates idlale kangconywana kulokhu. Noma kunjalo kuhlale obala olwezinqa zesele ukuthi isekude ukwenzeka lento ayifisayo umqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou.

IPirates iphinde yadliwa ngegoli eligotshiwe, yahluleka ukubhekana nalo, uJaisen Clifford walinamathisela enethini kalula nje engamakiwe.

IGallants inqoba nje ibuye kade seyilandela ngemuva emva kokuthi uPatrick Maswanganyi ebeyibeke phambili ngesiwombe sokuqala.

Nokho kuyiwe ekhefini seyilinganisile iGallants njengoba uDaniel Msendami eyibuyisele emdlalweni ngelinye igoli elibeke obala ubuthaka nePirates emuva.

Nakulo mdlalo u-Ouaddou ubeqale ngeqembu elishintshile, emuva edlalisa abadlali abasha oTshepo Mashiloane kwesokudla, noLebone Seema emuva maphakathi.

Kugqamile ukuthi laba badlali basemuva bayaqala ukudlala ndawonye, futhi amaphutha abawenzile alahlise ithemba.

Bese kungumdlalo wesibili kulandela iPirates idliwa kweyeligi kanti u-Ouaddou usengene ngaphansi kwengcindezi emangalisayo.

Lisenethini.co.za

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button