Ezezimoto

ITucson entsha inewoza woza ekuqhweba usekude

Ngeney’ntwen Mkhize

Akubuzwa ukuthi iHyundai ihamba phambili nezinye izinkampami ezine ekudayiseni kwezimoto eMzansi ngokwezibalo zakamuva.

Lokhu kufakazelwa yiTucson 2.0 D model 2025 ekudoba usekude ngendlela ekhanya ngayo amalambu angaphambili.

Angikushilo kodwa ukuthi ababeyidweba (design) bacishe beqisa isandla, ngikusho lokho ngenxa yemvinqi eminingi kusuka kwibhonethi nasemzimbeni uqobo.

Le ebengivivinya ibigrey umbala igqize ngosasiliva onqenqemeni lo phahla kanti igabe 2.0-liter turbo diesel wenjini okhafula u137 kW no416 Nm wetorque.

Lokhu okungenhla ikwenza kusuka ku 0-100 km/h ngemizuzwana nje engu 9.4 kanti ijubane eliphezulu u-201 km/h.

Phansi igqoke u-18 inch wesondo lohlobo lwe-alloy.

Ayibabazisi kudizili ngoba ngebanga elingu- 100 K/h idla u-7.4 wamalitha ekubeni ingumshini ozishintshayo (automatic) iphinde idonse ngamasondo womane.

Ingumshini ozishintshayo impela kodwa ngikuqaphelile ukuqina kwegiya ingikhumbuzise iGolf 1 enganginayo cishe eminyakeni eyishumi eyedlule.

Ngaphakathi ishaya ngezihlalo zesikhumba ezimnyama ezisebenza ngamathathi kagesi

.

Ngijabule kabi ukuzwa ukuthi inezihlalo ezikwazi ukufudumeza ikakhulukazi njengoba kubuye kube nogqoqwane.

Ngaphakathi kuhlala ngokukhululeka abantu abahlanu kanti phakathi kwezihlalo zangemuva nangaphambili niyakwazi ukubeka amaglass nihambe nizingqofela.

Kahle hle le ngqovungqovu yakhelwe ukufeza izinhloso eziningi okubalwa izidingo zomndeni nobutsetse.

Abaningi bebekhangwa ubhazabhaza wetouchscreen esingu-12.3 inch ubude. Ekuseni siyakubingela uma udumisa imoto sikufisele nendlelanhle.

Kule touchscreen kwenzeka izinto eziningi kusuka ekudlaleni umculo othandwa uwe iziteshi zomsakazo icamera ekuvezela njengoba kunjalo ngemuva nangaphambili.

Ikukhuza khona futhi kwitouchscreen uma kukhona ongase ukushayise.

Ibiza phakathi kwa R559, 900 noR859, 900. kanti iphuma neservice plan yeminyaka emihlanu noma u75,000 kilometers okuyiwo ofika kuqala.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button