Izindaba

Amakhosi adikile ashiya phansi iqembu leMK Party

UMengameli weMK Party uMnuz Jacob Zuma ushiywe amakhosi angaphansi kwenhlangano iThe Transvaal Kingdom State.

Le nhlanganisela yamakhosi iqhamuka eMpumalanga, Limpopo, North West.

Phakathi kwamakhosi okuthiwa asafuni nokuyizwa ethinta uZuma uKing Ndzundza II (Ndzundza kaMusi Kingdom), King Lekhuleni (Mohwaduba Royal Kingdom), King Ntsele, Queen Sheba, King Manana, naMaNguni Royal Kingdom.

Uthuthuva lusuke ngesikhathi la makhosi ejikiswa esangweni ngamaphoyisa eNkandla emzini kaZuma ngeSonto ekubeni ayehlele konke noZuma.

Amaphoyisa atshele amakhosi ukuthi uZuma akekho ekhaya.

“Besimenyiwe ukuba nomhlangano nalowo owayengumongameli wezwe. Siqhamuka ezindaweni ezikude ezahlukahlukene uma sesifikile sizotshelwa amaphoyisa ukuthi uZuma akekho ekhaya,” kubhalwe kwisitatimende seTransvaal Kingdom State.

La makhosi alibeke ngembaba ukuthi sebekhathele ukuba wumatawokusula izinyawo.

Kuvuke upelepele ogqokweni la makhosi ekhumbula izigameko lapho athi khona ayevalelwa ngaphandle.

Kuvele ukuthi ngesikhathi  kwethulwa iPople’s Mandate e-Orlando Stadium ngoMay 2024 nangesikhathi leli qembu ligubha ukuhlanganisa unyaka owodwa eMoses Mabhida Stadium ngoDecember ngonyaka ofanayo.

Kulindeleke ukuthi la makhosi acacise esithangamini sabezindaba ukuthi bazokweseka liphi iqembu okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2026.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button