
IHyundai iyaqhubeka nokukhonya nezinkunzi eMzansi
Sane Mseleku
Abakwa Hyundai South Africa bakuphindile lokho ngokuba ngenye yezinkampani ezine ezihamba phambili ezimotweni kuleli.
Le mbiko ukhishwe abakwa National Association of Automobile Manufacturers (NAAMSA) ku-Julayi 2025.
Le nkampani iyaqhubeka ngokukhombisa ukuzimisela nokuzikhandla kulo mqhudelwano ophuzulu kwimakethe.
Ikhuphuke ngomuhle u-29% unyaka ngonyaka kusukela ngoJanuwari kuya kuJulayi ekudayiseni izimoto.
IThebuli elingezansi likhombisa ukudayiswa kweHyundai Automotive SA unyaka nonyakakanye emakethe yakuleli.
Hyundai Performance Year -to-date
Market Performance Year -to-date
Dealer Passenger Vehicles: +31.6%
Dealer Passenger Vehicles: +20.3%
Dealer Light Commercial Vehicles:
+22.4%
Dealer Light Commercial Vehicles:
+0.5%
Dealer Medium Commercial Vehicles:
+40.2%
Dealer Medium Commercial Vehicles:
+21.6%
“Ukudayisa kwethu izimoto ezingu-2,766 ngoJuly kuhamba phambili kakhulu eminyakeni emithathu nohafu edlule”.
“Ukukhuphuka kakhulu kwezinga lokudayiswa kwezimoto kukhombisa ukuthi abathengi bakhetha uhlobo lweHyundai hhayi ngokuphepha, ukugculiseka nokwaneliseka kuphela, kodwa nangempatho, ukuthembeka nokukhipha uchwepheshe obusezingeni ngaso sonke isikhathi,” kusho iCEO yakwaHyundai Automotive SA uStanley Anderson kwisitatimende.
IHyundai Automotive SA iphinde ibe yinhle kakhulu ekunakekeleni amakhasimende wayo kuqala, iphinde iwaseke emuva kokuthenga.
Iphinde yenze isiqiniseko sokuthi imindeni nosomabhizinisi banakekelekile izwe lonke.
Uhlobo lweHyundai Grand i10, lihambe phambili kuJuly njengoba ludayise u-1,075 wezimoto, lulandelwa iHyundai EXTER ngo-435.
Emsileni kube yiHyundai EX8, ngo-40 nawo omuhle owenziwe inkampani ngenyanga eyodwa emuva kweminyaka emithathu.
“Ukuqhwakela phezulu kwabane akusho inombombolo nje kodwa kukhombisa ukuzibophezela kwethu kumakhasimende, esisebenzisana nabo kanye nokuthembeka esikwakhe eminyakeni edlule”.
“Konke lokhu kukhombisa amandla omkhiqizo esiwenzayo oqhubekayo nokukhiqiza izimoto ezidingwa imakethe yaseMzansi,” kunaba uStanley.
Esinye sezigxivizo esenziwa Hyundai Automotive South Africa ukuqinisekisa ukuthi batholakala kalula izwe lonke kanye nokweseka amakhasimende wabo.
“Siyaziqhenya kulo-25 weminyaka sisebenza kuleli lase Mzansi, amakhasimende wethu akhule ngesikhulu isivinini ngokwaziwa nokuthembeka kwegama lethu,” kuphetha uStanley.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169.



