
IGWM Tank 300 model 2025 ihlukanisa abafana emadodeni
Ngendlela athakaselwa ngayo iGWM Tank 300 model 2025 abadala nabancane ungafunga ukuthi idiliza amaswidi uSIHLE “Ngeney’ntwen” MKHIZE uyethulela isigqoko inkampani iGreat Wall Motors (GMW) ngokwakha le ngqovungqovu.
Iphuma emndenini owodwa neziqhwaqa esigabeni samaSUV okuyiHaval Jolion, H6 neH6 GT.
ITank 300 isesigabeni esisodwa neJeep Gladiator, Mercedes-Benz G-Class, neLand Rover Defender okuyizimbangi.
Isakhiwo seTank 300 esisabhokisi kuhle kweMercedes-Benz G-Class siyakutshela ukuthi yakhelwe labo abakhonze ubutsetse nokuqwala izintaba.

Phakathi kwezinto ezenza igqame iTank 300 ehlala abantu abayisihlanu ubude bayo obungu-4 760-mm.
Ububanzi kube u-1 930-mm kanti iwheelbase ingu-2 750-mm wheelbase nokwenza ukuthi udaka lungayingcolisi imoto.
Le ebengihamba ngayo uma ungena ngaphakathi ubukhosi, izihlalo zesikhumba, dashboard okhangayo bese ikhanya umbala oluhlaza sasibhakabhaka ogqize izicabha ngaphakathi.
Izinga lezobuchwepheshe liphezulu okokuqala iduma ngokucindezela inkinobho ayinyakazi umshayeli engalifasile ibhande.
Kushboard ibe isikudlalela i”TV” ikhombisa ukuthi uma uhlehla noma uya phambili kuphephile yini.
Yala ngisho umuntu edlula phambi kwayo imveza njengoba enjalo, uma usondela iyakhuluma ikuthethise ithi “press brake”.
Emgwaqeni ikuvezela imoto engemuva, engaphanbili neseceleni, iyakuthiphisa emachosheni ezibuko ngombala ophuzi uma kuzodlula enye imoto eceleni.
Iphinde igabe ngama airbags angu-7 airbags necamera ebuka 360-degree.
Okunye okuhlaba umxhwele wukuthi iTank 300 uma uyidumisa iba kwi-electric mode ikwazi ukuhamba ngogesi ibanga elithile kuyima idla udiesel noma upetrol.

Kuscreen iyakubhalela ukuthi lo mgwaqo ohamba kuwo kuvunyelwe ijubane elingakanani noma ngabe sezacisha izimpawu, uma uleqa iyakhala.
Ngokwami ayikhalisi ngoba ngo-100 km/h ingawuphuza udiesel ongu-10 litres uma iku-Echo mode.
Ngaphansi kwebhonethi ufica injini engu78 kW/268 NM idonsa ngamasondo amane.
Izintaba zakoSqhinqini naseMashiwase engiziqwale ngale nsimbi bekungazweli kunalokho ubuyizwa ukuthi ifuna okungaphezulu.
Le ngqovungqovu iphakathi kwa-R685 900 no-R851 900, itholaka emagaraji akwaGMW noHaval.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169.



