Izindaba

Ukuqeqeshwa kwezinga lomhlaba kwabezicishamlilo eThekwini

Sphumelele Mjaji

Abezicishamlilo kuMasipala weTheku bathole ukuqeqeshwa baphothula i-Advanced Breathing Apparatus Training Course.

Lokhu kuqeqeshwa okwezinga lomhlaba kuhambisana ne-National Fire Protection Association (NFPA) 1404, ehlonishwa umhlaba wonke.

Baqinisekisa ukuthi izicishamlilo zikuhlomele ngokugcwele ukusebenza ngokuphepha ezindaweni eziyingozi.

Lezi zifundo bezimandla ekuhlolweni kwezingozi, ukuhlenga, nokucija amakhono ekunciphiseni abashonayo okuvikela impahla.

ITheku libalwa nezinye izindawo ezihlaselwa yona ndawo ebhekene nokwanda kwezigameko zomlilo, ikakhulukazi emijondolo kanye nasezindaweni eziminyene kakhulu.

UPrincipal Training Officer uRodgers Vilakazi uthe lokhu kuqeqeshwa kukhombisa uguquko endleleni uMasipala olungisa ngayo amathimba ukuze akwazi ukubhekana nezinkinga zesimanje zokucisha umlilo.

“Kushintsha izicishamlilo zethu zibe ochwepheshe abanekhono, abazethembayo abakwazi ukuhamba ezindaweni eziyingozi kakhulu ukuze basindise izimpilo,” esho.

“Le ndlela yokuguqula, hhayi nje isicishamlilo, kodwa yonke indawo yokubhekana nezimo eziphuthumayo,” kusho uVilakazi.

Izifundo zihlanganise okufundwa phansi nokwenza ngezandla iyonemibikhono labo lokukhipha izimoto.

Ukuzulazula izakhiwo ezigcwele intuthu, nokusebenzisa amathuluzi edijithali okufunda nokulingisa.

UMasipala ugcizelele iqhaza elibalulekile lemiphakathi ekugwemeni ubungozi bomlilo.

Izakhamuzi zikhuthazwa ukuthi zibike izingozi, futhi zibambe iqhaza emikhankasweni yokuqwashisa.

Related Articles

Back to top button