Ezokungcebeleka

Bavalelwe ngaphandle abezindaba kwelika-AKA

Sihle Mkhize 

Bavalelwe ngaphandle abezindaba ukucoshela ukuqulwa kwecala lokubulawa kwa-Kiernan “AKA” Forbes eNkantolo enkulu eThekwini.

Kuzokhumbuleka ukuthi u-AKA nomngane wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane badutshulwa babulawa ngaphandle kwendawo yokudlela eThekwini, Florida Road ngo-2023.

Abezindaba kade bevunyelwe sonke lesi sikhathi ukucoshela kulokhu kuthiwe abangaqophi futhi bangathwebuli lutho.

NgoLwesine iJaji uJacqueline Henriques wenqabile ngesikhathi kuvele abasolwa abahlanu kuleli, uLindokuhle Mkhwanazi, Lindani Ndimande, Siyanda Eddie Myeza, Lindokuhle Ndimande noMziwethemba Gwabeni, baboshelwa ukuhlela nokubulala u-AKA.

Abasolwa ababili abengeziwe, ababoshwe eSwatini, kumanje balwa impi yokubuyiselwa eNingizimu Afrika.

Lo mshikashika wokubuyiselwa ezweni labo ubangele ukubambezeleka kulo lonke icala.

Leli cala belilokhu lihlehla kaningi njengoba izicelo zebheyili zabasolwa zinqatshelwe izikhathi eziningi.

Abasolwa babhekene namacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukwakha itulo lokubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanye nokushushumbisa imali.

Isindlalelo sokuqulwa kwecala kuhlehliselwe umhla ka-13 Agasti.

Abammeli banxuse iNkantolo ukuthi ibanike amagama ofakazi neminingwane yabo.

Kubhekwe nosuku oluqondile lokuqulwa kwecala njengoba ligcine lingaphumanga.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button