Izindaba

Bamcwiye nobuchopho oyengwe ‘odokotela’ abakhulisa izinqa

Uholelwe oPhathe amahuzu odokotela mbumbulu baqeda ngempilo yakhe owesifazane obefuna ubuhle obengeziwe.

Kubikwa ukuthi u-Kaydell oneminyaka engu-37 ubudala osuka e-London wayevakashele e-Instanbul, eTurkey ukuze athole isaphulelo sokushintsha umzimba.

Ubedonsa isisu, ukuphakamisa ibele kanye neBrazilian Butt Lift.

Lezi zigebengu kubikwa ukuthi zathembisa ukumenzela lezinto mahhala baze bamnikeza imali yendiza nokuhlala ehhotela mahhala.

UKaydell wayehambe nodadewabo ukuze amsekele.

Udadewabo walinda ngesikhathi eyiswa egunjini lokuhlinza.

Wahamba amahora belokhu bemtshela usisi womgilwa ukuthi usezophuma.

Waphinda walinda bagcina bephumile ‘odokotela’ bamtshela ukuthi udadewabo useshonile.

Bamnika ithikithi lendiza bambuyisela imali yokuhlinzwa.

Ngesikhathi bethumela isidumbu eLondon ukuhlolwa kwesidumbu kwaveza ukuthi bathathe ucezu lobuchopho bakhe, ucezu lwenhliziyo yakhe, amaphaphu namathumbu.

Ngokombiko weSA News Alert udokotela ohlinzayo uphika ulala ngentaba ukuthi kukhona okungalungile nanoma yiziphi izitho zomzimba ezingekho.

Kuxwayiswa abesifazane ukuthi banqabe uma kukhona udokotela othi uzobenzela zonke lezizinto zonibuhle zokufakwa okubalwa kukho ukukhuliswa kwebele noma kwezinqa mahhala.

Kuxwayiswa nje yingoba sekwandile ubugebengu bokuciywa kwezitho zomzimba kubantu besifazane.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button