
EMlaza badla ngo “dli” umhlaba kaMasipala
Mbali Mgodeli
Iqulu labantu baseMlaza, eThekwini, lingene ngodli epaki yamathuna eduze nesikhungo semfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology lakha imijondolo.
Nokho, amaphoyisa afikile ezobaxwayisa ngesenzo sabo esingekho emthethweni izikhawu ezintathu kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
Kwimihlangano yabo yansuku zonke bathi abahlehli emuva nalempi futhi bazoyinqoba kufane nangenkathi belwa befuna ukubeka imijondolo endawni abayi iSilver City.
Kuthiwa nayo bayithatha ngoshova emuva kokulwa noMasipala owagcina ngokuphonsa ithawula.
Iningi labahlali selibone ithuba lokushintsha izimpilo zabo ngokuthi bazovula imiqasho kubantu abadinga izindawo zokuhlala.
“Sizozidayisa lezi ndawo ukuze sithole imali yangempela ezoshintsha izimpilo zethu njengoba abanye benezindawo ngambili,” kusho omunye wabantu ongena otapayo.
Okhulumela uMasipala weTheku uGugu Sisilana uthe: “UMasipala awukawunikezi umphakathi waseMlazi, esigcemeni sakwa-A, imvume yokuhlala endaweni kaMasipala nokwakha izakhiwo eziyimijondolo”
“Imisebenzi yokulawulwa kokudliwa komhlaba ihlanganisa ukugada le ndawo njalo nsuku zonke ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi akukho sakhiwo esakhiwayo kulowo mhlaba okukhulunywa ngawo”.
IDolobha lisebenzela ukuvikela umhlaba kaMasipala ekwakhiweni okungekho emthethweni nasekuhlalisweni ngokungemthetho.
“Imizamo isaqhubeka ukuvimbela ukudliwa komhlaba ngokungemthetho, idolobha liyaqhubeka nokuxhumana nobuholi bendawo kanye nomphakathi othintekayo ukuze kutholakale isisombululo. Imisebenzi,” kuphetha uGugu.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



