
Amaphoyisa ehlazweni lokuntshontsha insipho
Sphumelele Mjaja
Azithele ngehlazo amaphoyisa amabili aboshelwe izinsolo zokutapa insipho nesisebenzi esiqashwe ukuhlanza isiteshi.
La maphoyisa asebenzela esiteshini iModimolle, eLimpopo.
Aboshwe emuva kophenyo obeluholwa uphiko olulwa nenkohlakalo esifundazweni.
Babekwe amacala ngokusemthethweni okweba kanye nokwephula umthetho.
Ukuboshwa kwabo kusuke esigamekweni esenzeka mhla ziyi-14 kuJulayi 2025, ngezithuba zabo-4:20 ekuseni emgwaqeni u-R101.
Le ndawo iqhele ngamakhilomitha angu-10 ngaphandle kwaseModimolle ubheke ePolokwane.
I-IOL ibike ukuthi umshayeli weloli ebelithwele amaphalethi anamabhokisi ensipho eyimpuphu uhlulekile ukulilawula laphaphalaza laphuma emgwaqeni.
Kube yilapho ke impahla ichitheke yagcwala umgwaqo.
Kume izimoto eziningi, abantu baqala ukutapa insipho.
Ngemva kwesikhashana, kufike imoto yamaphoyisa ebhaliwe.
“Imibiko iveza ukuthi ummangali ongumshayeli weloli ubancengile ukuthi asize ekunqandeni ukutatshwa kodwa amaphoyisa alayisha inqwaba yensipho emotweni yawo ashaya achitha ashaya achitha,” kusho uLedwaba.
Umshayeli ukwazile ukuqoqa imininingwane ebalulekile mayelana nesigameko kanye nokuthi ngobani abathintekayo.
Udaba lubikwe ngokushesha, nokuholele ekutheni kwenziwe uphenyo olunzulu.
“NgoLwesihlanu, mhla ziyi-18 kuJulayi 2025, ithimba lihlangene laba nomkhankaso wokusesha, nokwaholela ekutheni kutholwe ezinye zezimpahla ezebiwe lapho kuhlala khona elinye lamaphoyisa,”
“Uphenyo luphinde lwamatanisa umsebenzi wesithathu wakwa SAPS,” kusho uLedwaba.
Bobathathu abasolwa, baneminyaka ephakathi kuka-49 no-55.
Balindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseModimolle maduze.
Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka, kanti kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye.
Khonamanjalo, uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, eLimpopo, uLieutenant General Thembi Hadebe, ukugxekile ukubandakanyeka kwabasebenzi bakwa-SAPS ezigamekweni zobugebengu.
“Kuyadumaza kakhulu uma labo abaphathiswe ukugcina umthetho bephula lokho kuthenjwa.
“Inkohlakalo nokuziphatha kobugebengu ngaphakathi kwaSAPS ngeke kubekezelelwe. Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuziphendulela kuwo wonke amazinga,” kusho yena.



