Izindaba

Ibhubhisile ingozi yezimoto idlula nabahlanu eGingindlovu

Liyah Mseleku

Bafe ujuqu abagibeli abahlanu okuhlanganisa nezingane ezimbili emgaqweni uR66 Nyezane, eGingindlovu, KwaZulu-Natal.

Le ngozi enyantisa igazi ibandakanya imoto yohlobo lweHyundai i10 okuthiwa ibigibeze abantu abangu-8 besuka kwaNongoma bephikelele eThekwini.

NgokweRoad Traffic Inspectorate (RTI) le ngozi yenzeke ebusuku kuzosa kube uMsombuluko.

Ngesikhathi siloba bekusaphithizela amaphoyisa nabosizo lokuqala endaweni yesigameko.

Ngokwesitatimende esikhishwe uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu oholwa uNgqongqoshe uSiboniso Duma uthi kusinde abantu abane abebegibele iFord Ranger eshayisane ne-i10.

IFord Ranger ebilibhekise eGingindlovu kuthiwa umshayeli uhlulekile ukuyilawula yase ishayisana mahlanze ne-i10.

“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini yabalahlekekwe. Sicela abashayeli ukuthi babekezele kwazise umqwaqo uvaliwe”

“Njengoba sibala izinsuku njevbgaphambi kokuvulwa kwezikole nginikeze iRTI umsebenzi wokuqinisa ezokuphepha emgwaqeni yethu,” kubhalwe kwisitatimende.

Kwenzeka le ngozi nje iPurpose ngomhla ka-27 June ibike ngenye ingozi lapho abesifazane befe ujuqu kuR614 oThongathi, KwaZulu-Natal.

Inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) eThongathi yafonelwa kuthiwa ayiphuthume kule ngozi.

Nebala uma befika bazithela phezu kweHyundai i10 icindezelwe iloli elithutha umoba.

Bude buduze nendawo yesigameko engaba amamitha angu-150 kwatholakala iToyota Corrolla esilver ngombala nayi igingqikile.

Naye umshayeli ongowesifazane wayeseshonile.

Umshayeli weloli wazisa RUSA ukuthi lezi zimoto ezibandakanyeke engozini bezibheke emzileni owodwa.

IToyota Corolla ishayisane mahlanze neHyundai i10 yase iyiphushela emzileni ohamba kuwo iloli sabondwa sayekwa.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button