
Imibuzo ngokungaxoshwa kwaSenzo Mchunu emaphoyiseni
Umengameli Cyril Ramaphosa uzosungula ukhomishana ozophenya ubugebengu.
Lokhu kuza emuva kwezinsolo ezenziwe umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Uthi le khomishana izophenya ubugebengu emaphoyiseni, kuNPA nakwezinye izinhlaka zezomthetho.
UMengameli ukusho lokho ehlalisa uNgongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ekhaya.
Ube eseqoka ibamba Ngqongqoshe uSolwazi uFiroz Cachalia.
UCachalia ubeqokwe uRamaphosa njengosihlalo woMkhandlu kazwelonke wokweluleka ngokulwa nenkohlakalo.
Lolu uhlaka lusungulwe ukubhekana nenkohlakalo kanye nokugwamandwa kwamandla ombuso.
Lo mkhandlu wawujutshwe ukuba uqondise impendulo kahulumeni mayelana nemiphumela yeKhomishana eyayiholwa yiJaji elikhulu eselathatha umhlala phansi uRaymond Zondo.
UNhlamulo Ndhlela okhulumela iMK Party uthi umengameli Cyril Ramaphosa uzibonakalise njengomholi ongakwazi ukuthatha izinqumo ame kuzona.
Ubuze ukuthi kuchaza ukuthini ukunikeza ungqongqoshe ikhefu eliyisipesheli ngoba baqashwa ngokwepolitiki hhayi ngaphansi kwemithetho yezabasebenzi, uthi uhlulwe yini ukumxosha.
Ukukhuluma sekuqalile njengoba abanye bethi uMengameli nouHulumeni wakhe kusafanele uchazele izakhamuzi ukuthi ilivu eyisipesheli ichazeni.
Ngabe uNgqongqoshe usazothola umhlomulo wakhe ogcwele, aqhubeke enze umsebenzi weqembu, aqhubeke abe nabashayeli kanye nabavikeli kuze kuphele lesikhathi esibekiwe na?
Kwenzeka lezi zigameko nje uMkhwanazi uthuse abaningi kwisithangami sabezindaba eThekwini ematanisa uSenzo Mchunu nezenzo nobugebengu.
Umsola nalabo asondelene nabo ngokuba mdibi munye neziphulamthetho okuhamba phambili izidakamizwa.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



