
Uwubeka phansi umbhobho weGagasi FM uMinnie
Ukhethe ukuwubeka phansi umbhobho umsakazi weGagasi FM uMinnie Ntuli osenuka iqaqa kwabaningi ngenxa yodlame analo.
Ububhoklolo nobuqhwaga balo msakazi osakaza noFelix Hlophe ekuseni ubuveze kuLondie London ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD).
Le ntokazi imane yaphakanyelwa umoya yahlokoloza iphindelela uLondie London ngomunwe esphongweni nokuyinto ecasule abaningi.
Yize iGagasi FM likhiphe isitatimende esikhomba ukuxolisa nokuzehlisa kwaMinnie kodwa kube zinhlanga zimuka nomoya.
Ngokombiko weSolezwe uMinnie uthe ubathintile ngasese abaqondene nalolu daba ukuxolisa futhi uzimisele nangokukhuluma nabo ubuso nobuso.
Uqhube wathi yize umsebenzi wakhe kwiRHOD ungahlangene noweGagasi kodwa yena nesiteshi bavumelene ngokuthi amukele imiphumela yezenzo zakhe.
“Lesi sigaba singenze ngabona umphumela wokuziphatha kabi. Ngiphoxe umndeni wami, abangani, engisebenza nabo, okubalulekile, abalaleli abathembekile abavula uhlelo lwami zonke izinsuku,” kusho uMinnie.
Uthe uzohlaba ikhefu eyofuna usizo longoti.
“Kodwa ke kubukeka sengathi unesimo esithile adinga ukuthi alekelelwe kusona. Laba abathi akaxoshwe eGagasini baziphathelwe ukuthakatha nje.
“Impela ubhedile uyadinga ukujeziswa ngendlela kodw akwenzile akuhlangene nomsakazo iGagasi,” Lindani Ngidi.
“Akufuneki kodwa uma unezinkinga zakho uzikhiphele kwabanye bantu ngoba abahlangene nazo.
Ngithemba ukuthi uMinnie usifundile isifundo ngendlela yokungaziphathi kahle nokuchwensa uLondie M” kuphawula Mpume Mthalane.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



