
Kufe (2) kwaboshwa (3) amaphoyisa ehlenga usomabhizinisi
Liyah Mseleku
Abakwasidlodlo begasela eRandfontein, eGoli, ngoLwesine ebusuku badubula babulala ababili kwaboshwa abasolwa abathathu.
Kufa la basolwa nje bese kuphele inyanga kuthunjwe usomabhizinisi kungaziwa ukuthi ukuphi nezwe nokugcine etholakala kule ndawo.
Lo somabhizinisi waduka ngomhla ka-29 May eLanesia, eGoli.
Lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo 15:15 pm ngoLwesine.
Amaphoyisa ezobunhloli eholwa i-Anti-Kidnapping Task Team iRandfontein, eGauteng atholane phezulu ngenhlamvu nalezi zigebengu kanti kuzoshiyana ukwenza.
Lo somabhizinisi uhlengiwe wase ephindiselwa ekhaya wahlangana nomndeni wakhe.
Lezi zigilamkhuba bezifuna ngo “dli” isamba sika R15 million emndenini kasomabhizinisi.
Kusukela ngoJanuary kuya kuMarch 2025, kubikwe izigameko ezingu-144 zokuthunjwa kwabantu eGoli kufunwe nezimali ezishisiwe.
Eminyakeni emibili eyedlule sekuboshwe abathumbi abangaphezulu kwa-170 eGoli nakwezinye izifundazwe bebkahwa uphiko olulwisana nokuthunjwa kwabantu.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoJune ungqondongqondo wokuthumba abantu odabuka eMozambique wadutshulwa wabulawa eFourways.
Kwenzeka lokhu ngesikhathi amaphoyisa ecinga usomabhizinisi wase Pakistani owayethunjiwe.
Amaphoyisa ayephansi phezulu kubalwa iCrime Intelligence, Organised Crime, K9 JMPD, Gauteng Flying Squad, Gauteng Highway Patrol nezinkampani zonogada ezizimele.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



