
Uthunjwe washiywa ngesudi yesele usomahlaya waseThekwini
Philasande Luthuli
Ubanjwe yizigebengu zamthumba zantshontsha nemali yakhe usomahlaya wakuleli uSimthande Myeza odume ngelika Maka Thangithini kubalandeli bakhe.
Lesi sigameko esishaqisayo senzeke NgoLwesibili eBerea, eThekwini, ngesikhathi uMyeza ebiza imoto yakwa-Bolt kwazise kukhona lapho abephuthuma khona.
Ngokwesitatimende esikhishwe umndeni wakwaMyeza kuthe sekuhanjwa ngale moto waqaphela ukuthi ithatha indlela angayazi.
Ube esecela umshayeli ukuthi abuyele emuva, okuyilapho evele wama khona kwaba nokuhilizisana.
“Amadoda ababili amnyama abekule moto amkhombe ngesibhamu bamkhumulisa izingubo abezigqokile ngenkani wanqunu”
“Abagcinanga lapho kodwa bashanele nakwi bank acc yakhe bathatha yonke imali ebikhona. Baqede lapho bamdansisa enqunu enjalo bemshutha bethatha namavideo”
Emuva kokuthi babonile ukuthi ungubani bathi kashaye isishwaphasana sakhe ahambe kodwa angathi vu ngoba uzokubona okwabonwa okwehlisa ikati emthini.
Okhulumela umndeni uLomsongaka Myeza uthe ngezintatha zangoLwesithathu babe sebethi akasho ukuthi uhlalaphi ukuze bamqashele imoto, nebala ifikile.
“Udaba lubikiwe esiteshini samaphoyisa esiseduze, kumanje uphephile, unathi”, kusho isitatimende” kusho uLomsongaka Myeza okhulumela umndeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMyeza uke waba umsakazi we-Radio Khwezi enza uhlelo lwantamama phakathi nezinsuku obelungena ngehora lesi-15:00 luphele ngelesi-17:00 ntambama.
Ngesikhathi eshiya kulo msakazo wathi usefuna ukugxila emsebenzini wakhe wokuba usomahlaya.



