Izindaba

UShivambu ‘odiliziwe’ ushiye angalazi ngamaqembu akuleli

Udedele amabhomu obenguNobhala woMkhonto Wesizwe Party (MKP) UFloyd Shivambu esithangamini sabezindaba eGoli ngoLwesine.

Yize engakhiphanga gama lamuntu udalule ukuthi eqenjini le MK kunamalunga adla izidakamizwa bese ethuka abantu kuTwitter ebusuku.

Kuzokhumbuleka ukuthi kunesigameko esike saba sematheni lapho uDuduzile Zuma athuka khona uShivambu.

“Nangelilodwa ilanga uzithole usuyisikhothangqoko egameli le politiki. Akukhathaleki ukuthi lokho kuzobulala ubungani beminyaka” usho kanje.

Uthi kunabantu abakhona kwipolitiki abenzela ukuhola nje.

“Abaholi bayasatshwa abatshelwa emehlweni kodwa bayaziwa ukuthi bayabhacaza. Asikwazi ukuthi sithi sixoxa bese wena uyohleba ngaphandle. Zonke izinkinga bengizibika ngaphakathi nalabo abangathintwa abadla izidakamizwa bese bebhala kuTwitter besithuka ebusuku” kusho uShivambu kwabubula indlu.

UDuduzile wagcina exolisile eqenjini hhayi kuShivambu siqu sakhe.

Ubekusho lokhu ethi ngeke asule uzoqhubeka neqembu, njengamanje uShivambu useyilunga lePhalamande kwi-MK.

Uqhube ngokuthi kuleli qembu kugcwele amasela antshontsha imali esebenzisa ukusondelana noZuma amdukisayo.

UShivambu uthi akayijoyinelanga iMK ukuyincela igazi.

Uphinde wagadla naseqenjini lakhe lakudala i-EFF athi alizazi lapho liya khona.

Uthe liholwa ngabantu ababeka izidingo zabo phambili futhi ayibavumeli abantu abacabanga ngokujulile.

Uthi ufunde lukhulu ezinyangeni eziyisithupha ekwi-MK kunokuba wusekela mongameli kwi-EFF iminyaka eyishumi.

“Ngifunde lukhulu ezinyangeni eziyisithupha ngikwi-MK kunokuba wusekela mongameli kwi-EFF iminyaka eyishumi”

“Ngikwaze ukuqonda kahle ipolitiki yangaphakathi nasemhlabeni jikelele” usho kanje,”

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button